Sitholwe sintanta emanzini isidumbu sikaMdletshe

Comment on this story
no stix INLSA Nduduzo Stix Mdletshe

SIMPHIWE NGUBANE

SIGCINE sitholakele izolo isidumbu sikaSihlalo wenhlangano yomakadebona boMkhonto weSizwe esifundeni iJerome Langa Region, eThekwini, uMnuz Nduduzo “Stix” Mdletshe.

UMdletshe (40) uminze ngeSonto eledlule ngesikhathi ebhukuda edanyini iNanda nozakwabo bakule nhlangano ngemuva komhlangano ababenawo khona kuleya ndawo.

Kuthiwa babentweza ngesikebhe esisha ceke beyisithupha phakathi kuso nokwathi abathathu kubo kuhlanganisa naye uMdletshe bakhumula amajakhethi avikela ukuthi umuntu angaminzi bangena emanzini babhukuda.

Ababebhukuda noMdletshe bathi wahlangabezana nobunzima ngesikhathi esehluleka ukubhukuda emanzini abuyele esikebheni nokwala ngisho sebemphonsela ijakhethi kwanhlanga zimuka nomoya waminza.

Bese kuphele isonto lonke amaphoyisa ethungatha isidumbu sikaMdletshe singatholakali.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Vincent Mdunge, uthe umufi utholakele izolo ntambama khona emanzini.

Uthe isidumbu sitholwe yithimba lamaphoyisa lezokutakula nabehambisana nezinja ezihogelayo abamthungathe bamthola khona edanyini.

“Ubethungathwa yithimba lamaphoyisa angu-35 eliholwa nguCaptain Troy Allison abesuka ezindaweni ezehlukene okubalwa kuzo uMgungundlovu, iTheku, Richards Bay nasePort Shepstone. Isidumbu sikamufi sizothathwa siyohlolwa ngudokotela ukuze kutholakale imbangela yokufa kwakhe,” kusho uMdunge.

Phambilini uMdunge wathi amaphoyisa avule icala lomuntu ominzile esho nokuthi uma uphenyo luveza ukuthi kukhona unyawo lwemfene ngokushona kwakhe, kuyobe sekuvulwa icala lokubulala.

UNobhala wale nhlangano esifundeni iJerome Langa Region, uMnuz Thuthukani Ngozo, obezwakala esakhungathekile ngalesi sigameko, uthe balahlekelwe kakhulu enhlanganweni yabo ngokushona kukaMdletshe.

Uthe isidumbu sakhe sitholwe ngamaphoyisa sintanta emanzini ngasosebeni lwedamu.

Phambilini wachaza uMdeltshe ethi “ubengumondli wezintandane engathandi ukubona omunye umuntu edonsa kanzima eswele. Akukho muntu oyophinde afane naye enhlanganweni yethu,” kusho uNgozo.

Kusukela ngoLwesine kwaze kwaba izolo amalungu oMkhonto weSizwe abefika edanyini acula amaculo omzabalazo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.