FANELESIBONGE BENGU
IZIPHATHIMANDLA zendawo yokwenza imicimbi yomtakabani eThekwini, iNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC,) zithi zisaxoxisana noMasipala weTheku nenkampani yomculi wowokholo, uSfiso Ncwane, ukuxazulula umbango wabo ngale ndawo.
ISfiso Ncwane Communications ihlelela lo mculi wengoma ethi Kulungile Baba ikhonsathi yokuqopha i-DVD yakhe entsha ngo-Okthoba 27.
Ngakolunye uhlangothi uMasipala ufuna ukuba nomcimbi wokuqhathwa kwamaqembu emqhudelwaneni wamazwe ase-Afrika ozoba kuleli ngonyaka ozayo, i-Orange Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-Okthoba 26. Lolu ngolunye lwezinsuku esezibekiswe yinkampani kaSifiso ukusebenzisa le ndawo.
Owezokuxhumana e-ICC, uSandy Le Brasse, utshele Isolezwe ukuthi ngeke akwazi ukuphefumula ngalolu daba njengoba besaxoxisana nabantu abathintekayo.
“Ngiyalwazi udaba lukaNcwane noMasipala kodwa angivumelekile ukuphawula ngalo. UNcwane yisikhasimende lethu ngakho izinto ezenzekayo sizozixoxa naye noMasipala,” kusho uLe Brasse.
Imenenja kaNcwane ebuye ibe yinkosikazi yakhe, uNkk Ayanda Ncwane, ucashunwe kwi Solezwe ethi uqashe le ndawo ngoMashi kodwa waze wakhokha ngoMeyi futhi unobufakazi balokho njengoba asayina inkontileka.
“Ngayikhokhela ukuyisebenzisela izinsuku ezimbili ngoba ngo-Okthoba 26 sizobe silungisa izinto ukuze ngakusasa sifike sesithinta lapha nalapha ngaphambi kwekhonsathi,” kusho yena.
Uthe ngokwazi kwakhe ikhonsathi izoqhubeka njengoba kuhleliwe.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Thabo Mofokeng, uthe ngo-Okthoba 26 bazobe benomcimbi wokuqhathwa kwamaqembu angu 16 azodlala ku-Afcon kuleli ngoJanuwari kanti kulindeleke ukuthi indawo ize ilunge ngo-Okthoba 28.
“I-ICC izobe ingakulungele ukusingatha eminye imicimbi ngalesi sikhathi nekhonsathi kaNcwane nayo iyangena kulokhu. Abantu abathintekayo okuhlanganisa abeNcwane Communications bayakwazi lokhu,” kusho uMofokeng.