Siyazifela ngemfuyo isilomo seBafana

Comment on this story
no Copy of NM SANGWENI INLSA UYAWAZISA umndeni wakhe umdlali we Bafana Bafana oyisilomo kulezi zinsuku, u Siyabonga Sangweni . NgoMsombuluko uvakashele umndeni wakhe e Dondotha, eMpangeni njengoba bebenikwe ikhefu ku Bafana.

FANELESIBONGE BENGU

UMDLALI weBafana Bafana uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni (31) useziphendule intandokazi ngisho nakulabo abangawunaki umdlalo kanobhutshuzwayo ngamagoli amqoka awashayele iqembu lesizwe ku-Africa Cup of Nations (Afcon), elinye lawo eliweze elakuleli langena kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.

Ngaphandle kokujabulisa abalandeli uma esenkundleni, uSangweni uyazifela ngomndeni wakhe nomhlambi wakhe wemfuyo angenzi iphutha lokungayi koyibheka uma ethola ikhefu entweni ayithandayo nemakhele le mfuyo, ibhola.

Nangesikhathi iBafana inikwa ikhefu elincane emshikashikeni we-Afcon, uNsimbi unikele ekhaya eDondotha, eMpangeni wayohlola isimo.

Lo mdlali owathengwa i-Orlando Pirates kuGolden Arrows unezinkomo ezingu-34, izimbuzi ezingu 56, izinja, izinkukhu namajuba.

“Ngeholo lami lokuqala kwi-Arrows ngathenga inkomo nembuzi. Ekhaya yayikhona imfuyo phambilini kodwa yafa enye yadayiswa,” kusho uNsimbi.

no Copy of NM SANGWENI1 USIYABONGA Sangweni nezinodnod asehlonishwe ngazo ebholeni. ISITHOMBE:SANDILE MAKHOBA INLSA

Izinkomo zale nsizwa ziyayisiza njengoba isanda kuzikhipha iyolobola ingoduso yayo engathandanga ukuyidalula igama layo.

“Umuntu wami ngowaseWitbank, eMpumalanga kanti sahlangana khona ekuhambeni. Kuthiwa unyawo alunampumulo. Ezinye izinkomo ezinhlanu ngizikhiphe ngithenga ingane yami yentombazane. Kusashoda ezinye ezimbili nje,” kusho uNsimbi.

UNsimbi ongubaba wezingane ezintathu uSipho (10), Thabi (6) no-Ayabonga (3), uthe zingase ziwushaye ngasekupheleni konyaka kodwa usuku abakalunqumi nothandiweyo wakhe.

Uthe ungumuntu okukhonzile ukuya ekhaya lapho khona akhe isithabathaba somuzi aziphumulela kuwo ngokubuka ithelevishini noma adlale umculo ikakhulukazi umasikandi.

Lo mdlali akagcini kuphela ngokuba nemfuyo kodwa ungusomabhizinisi njengoba enekilabhu yebhola edlala esigabeni se-SAB, iSiyabangena FC, amatekisi amabili ahambela eMpangeni, ithilomu nendawo edayisa iziphuzo zokucima ukoma.

Njengoba iBafana Bafana imatasa ilungiselela umdlalo wama-quarter-final osekudayiswe wonke amathikithi awo lapho izobhekana khona neMali, eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo 8.30 ebusuku, uthole isikhashana esincane ngoMsombuluko ukuyobona umndeni nemfuyo yakhe.

no Copy of NM SANGWENI11 UMA engekho enkundleni uthanda ukuya ekhaya ayobheka imfuyo nomndeni wakhe uSiyabonga Sangweni weBafana Bafana. ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA INLSA

Etheleka emagcekeni akubo kube yinjabulo yodwa emndenini wakhe ohlanganisa nobabekazi wakhe u-Ana Sangweni ovele wamanga.

Udadewabo osanda kuphothula iziqu ze-Marketing eMangosuthu University of Technology, uNqo, uthe uNsimbi uwusizo olukhulu kubo nezingane zakwabo njengoba bengu-10 sebebonke.

Abazali sebadlula emhlabeni, kwaqala uyise u-Osborne owashona ngo-1997 kwalandela unina uDudu owashona ngo-2009.

UNqo uthe bebembuka bewumndeni nomakhelwane ngesikhathi iBafana Bafana idlala neMorocco ngeSonto lapho uNsimbi eshaye khona igoli lokulinganisa nokwenze umdlalo waphela zibambene ngo 2-2.

“Besinethemba lokuthi uzolishaya igoli nangempela wenza njalo. Usijabulise kakhulu siwumndeni,” kusho uNqo.

Umndeni wakwaSangweni uthanda ibhola njengoba abafowabo uMandla (24) engunozinti waMaZulu FC kanti uThami (23) yena edlalela iMamelodi Sundowns.

no Copy of NM SANGWENI12 UYAZIFELA ngemfuyo uSangweni njengoba enezinkomo ezingaphezu kuka-30 azifuyile kubo eDondotha, eMpangeni. Izithombe: SANDILE MAKHOBA INLSA

Njengendlela yokusiza umphakathi, uNsimbi uthe uhlela umqhudelwano webhola ozodlala ngePhasika eDondotha.

“Ibhola kumele livuselelwe ezikoleni ngoba yilapho liqala khona. Yingakho nami lo mqhudelwano wami kuzobe kuncintisana kuwo izikole. Kuqala ibhola sasilidlala usuku lonke kanti igenge yamanje isilibala yi-playstation notshwala,” kusho uNsimbi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.