Sizodlisa is’lahla se-ds3 cabrio

Comment on this story
no ds story1 Group YISO lesi isilahla sakwaCitroen iDS3 Cabrio entsha sha ezokwethulwa kwiParis Motor Show eFrance ngasekupheleni kwenyanga

UMHLAZIYI: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: Citroen DS-3

INKAMPANI ekhiqiza izimoto iCitroen ilokhu iqhubeke njalo nohlobo lwezimoto zayo ezingama-DS njengoba kuzothi uma kuqala iParis Motor Show bethule ngokusemthethweni iDS3 eyisilahla matende.

Lezi zindaba zokwethulwa kweDS3 Cabrio zizobajabulisa abashayeli abathanda ukushaywa ngumoya. Ngokusho kwabakwaCitroen, le moto ngeyokuzijabulisa nokungcebeleka ngoba iphethe isitayela.

IDS3, eyethulwa eminyakeni emibili edlule, ikhombisa ukwenza kahle ezimakethe njengoba isidayise cishe izimoto ezilinganiselwa ku-180 000 emhlabeni jikelele.

Le moto egabe ngokuthi “ithandwa yilo lonke uhlobo” lwabantu njengoba yenziwe ngezindlela ezingafani ukhakhayi lwayo. I-DS3 ibambe iqhaza elikhulu ekukhuliseni igama leDS nokuthi iphumelele.

no ds story UMNCANYANA wesilahla matende sakwaCitroen iDS3 Cabrio sizokwethulwa kwiParis Motor Show maduze Group

Okudlula konke i-DS3 Cabrio iyiDS3 ezofika ishintshe abantu abasabuka ngayo izimoto zakwa Citroen.

INAKHO KONKE OKUDINGAYO

Zonke izinto ezibalulekile ezenza izimoto zohlobo lwe DS zibe yintandokazi uzokuthola konke kuhlanganiswe ndawonye kwi DS3. Ezinye izinto eziyenza ihluke kwezinye indlela ehlangansiwe ngayo kusuka emzimbeni, isitayela esihambisana nokubukeka konke lokhu okuhambisana nokushelela emgwaqeni.

Benze into engajwayelekile kwa Citron kule DS3 njengoba ukwazi ukuzikhethela ukuthi ufuna ukhakhayi lwayo lube njani. Imibala yokhakhayi ihlukene kusukela komnyama, oluhlaza okwesibhakabhaka.

I-DS3 Cabrio nayo ithathelwe ezimotweni ze-DS kodwa yona ihlukile kakhulu kwezinye izilahla ezijwayelekile.

Bheka nje ngoba ukhakhayi lwayo ungakwazi ukuthi uluvule uluvale noma imoto ihamba ngebanga elingaphezulu kuka 100km ngehora. Eminye imininingwane ngale moto izodedelwa ngesikhathi sombukiso wezimoto eParis.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.