Advertisement
logoSections

Sizodlisa is’lahla se-ds3 cabrio

UMHLAZIYI: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: Citroen DS-3

YISO lesi isilahla sakwaCitroen iDS3 Cabrio entsha sha ezokwethulwa kwiParis Motor Show eFrance ngasekupheleni kwenyanga. Credit: Group

INKAMPANI ekhiqiza izimoto iCitroen ilokhu iqhubeke njalo nohlobo lwezimoto zayo ezingama-DS njengoba kuzothi uma kuqala iParis Motor Show bethule ngokusemthethweni iDS3 eyisilahla matende.

Lezi zindaba zokwethulwa kweDS3 Cabrio zizobajabulisa abashayeli abathanda ukushaywa ngumoya. Ngokusho kwabakwaCitroen, le moto ngeyokuzijabulisa nokungcebeleka ngoba iphethe isitayela.

IDS3, eyethulwa eminyakeni emibili edlule, ikhombisa ukwenza kahle ezimakethe njengoba isidayise cishe izimoto ezilinganiselwa ku-180 000 emhlabeni jikelele.

Le moto egabe ngokuthi “ithandwa yilo lonke uhlobo” lwabantu njengoba yenziwe ngezindlela ezingafani ukhakhayi lwayo. I-DS3 ibambe iqhaza elikhulu ekukhuliseni igama leDS nokuthi iphumelele.

Okudlula konke i-DS3 Cabrio iyiDS3 ezofika ishintshe abantu abasabuka ngayo izimoto zakwa Citroen.

INAKHO KONKE OKUDINGAYO

Zonke izinto ezibalulekile ezenza izimoto zohlobo lwe DS zibe yintandokazi uzokuthola konke kuhlanganiswe ndawonye kwi DS3. Ezinye izinto eziyenza ihluke kwezinye indlela ehlangansiwe ngayo kusuka emzimbeni, isitayela esihambisana nokubukeka konke lokhu okuhambisana nokushelela emgwaqeni.

Benze into engajwayelekile kwa Citron kule DS3 njengoba ukwazi ukuzikhethela ukuthi ufuna ukhakhayi lwayo lube njani. Imibala yokhakhayi ihlukene kusukela komnyama, oluhlaza okwesibhakabhaka.

I-DS3 Cabrio nayo ithathelwe ezimotweni ze-DS kodwa yona ihlukile kakhulu kwezinye izilahla ezijwayelekile.

Bheka nje ngoba ukhakhayi lwayo ungakwazi ukuthi uluvule uluvale noma imoto ihamba ngebanga elingaphezulu kuka 100km ngehora. Eminye imininingwane ngale moto izodedelwa ngesikhathi sombukiso wezimoto eParis.

SHOW ALL
Advertisement