INLSA
KUSUKA kwesokunxele nguMarc van Heerden, Goodman Dlamini, Carlington Nyadambo noThamsanqa Teyise baMaZulu ngesikhathi kwethulwa ijezi elisha laleli qembu izolo. Isithombe:GUGU MQADI
LUNGILE MAJOKA
UMDLALI wasemuva kuMaZulu, uCarlington Nyadombo, ufuna ukuncela ulwazi kuManchester United azolusebenzisa ekufezeni izifiso zabaphathi zangesizini ezayo.
Usuthu luzotholana phezulu ne-United esibe ngompetha beBarclay’s English Premier League izikhawu ezingu-19. Lo mdlalo, obizwa ngeMTN Football Invitational, ungoLwesithathu oluzayo eMoses Mabhida Stadium ngo-8 ebusuku.
Lo mdlali ubekhuluma ngokuzethemba eshaya ngomswenko omusha ceke njengoba izolo uSuthu belwethula ijezi elizogijima ngalo ngesizini ezayo.
Lizoqala ukubonakala ngoLwesithathu lubhekene namaRed Devils okuwumdlalo uSuthu oluwusebenzisa ukugubha iminyaka engu-80 lasungulwa. Luzophinde luhloniphe owayemgumangameli wezwe, uNelson Mandela, ozobe egubha usuku lwakhe lokuzalwa ngawo uJulayi 18.
“Sizofunda lukhulu kubona, bayiqembu elikhulu futhi eselizuze okuningi, elinabadlali abanethalente. Lapho engihamba khona abantu bangibuza ukuthi sizohlulwa ngamagoli amangaki. Okusemqoka kithina wukuthi sizibone ukuthi simi kuphi ngamalungiselelo ethu esizini ka-2012/2013. Uma sithola umphumela omuhle sizobona ukuthi ahamba kahle amalungiselelo ethu. Nginethemba elikhulu lokuthi kukhona esizokuzuza kubona,” kuphetha uNyadombo.
UPeter O’Conor omunye wezikhulu zoSuthu uveze ukuthi iqembu libekelwe umbandela wokuqeda libalwa namaqembu amane aphezulu kuligi ngesizini ka-2012/2013 baphinde bawine indebe eyodwa phakathi kweMTN 8, Telkom Knockout neNedbank Cup.
“Ngiyakholwa wukuthi yizinto esingakwazi ukuzizuza lezi. Sinaso isikwati esiqinile, asikho isizathu esingenza ukuthi sihluleke,” kusho u-O’Conor.
UNyadombo uyalibona leli phupho lifezeka kuMaZulu aqede endaweni yesikhombisa ngesizini edlule ku-log ngaphansi kukaRoger Palmgren olulelwe inkontileka ngeminyaka emibili.
“Kulula ukuqeda emaqenjini amane aphezulu noma endaweni yesine kodwa kudinga ukuthi siyibambe ngomgqigqo owodwa. Ngiyabathemba abadlali esinabo, esikudingayo wukuthi sibe neqiniso kithina. IMTN 8 eyethu. Ngiyazi ukuthi iMoroka Swallows yenze kahle ngesizini edlule kodwa ngeke sibambelele kokudlule kumele sibehlule. Bahanjelwe umqeqeshi engikholwa wukuthi nakanjani kuzobaphazamisa,” kusho uNyadombo.
Amathikithi alo mdlalo adayisa ubuthaphuthaphu eComputicket kanti angu-R150, R250 no-R350.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services