Gallo Images
UMGADLI weMoroka Swallows, uMpho Maleka, unethemba lokuthola isikimu kuleli qembu yize ezobe engasekho uGordon Igesund. Isithombe: GALLO IMAGES
ZAKHELE XABA
UMGADLI weMoroka Swallows, uMpho Maleka, ukholwa wukuthi iqembu lakhe lizoqhubeka lapho ligcine khona ngesizini edlule yize selilahlekelwe ngumqeqeshi abaningi abambona njengesizathu sokwenza ezibukwayo kwaleli qembu.
Akubuzwa ukuthi njengoba uGordon Igesund, ovikise iSwallows izembe kukubi ngesizini ka2011/2012, esegixabezwe ngesikhundla sokupheka iBafana Bafana kunokukhathazeka ngenqubekela phambili emuva kokuqeda isizini edlule libanga isicoco seligi.
Izinyoni zizocijwa obeyiphini lika-Igesund, uZeca Marques, osenesikhathi eside ekhona kuSwallows. Okunye okushiya imibuzo yikusasa labadlali abadala abahlanganiswe ngu-Igesund obekunovalo lokuthi omunye umqeqeshi angafike abakhombe indlela. Nokho uMaleka uveze ukuthi abaphathi bathe akekho umdlali abazomdedela andize ashiye isidleke seZinyoni.
“Angikuboni ukuphazamiseka eqenjini ngoba naye uZeca ubevele esebenza no-Igesund. Izinqumo bebezenza ngokubonisana nokwenze sashaya into ecokeme ngesizini edlule,” kusho uMaleka osalindele ukusayina inkontileka entsha neSwallows.
“Okwenze sidlale kahle ngesizini edlule wukuthi singomakadebona sonke futhi siyazinikela kwesikwenzayo. Angikholwa-ke ukuthi kukhona umuntu ongafuna ukushintsha lokho futhi uZeca ubevele eseqenjini.”
Yize abalandeli bengazibona belahlekelwe ngokuhamba kuka-Igesund ikakhululazi njengoba ibisikhona inhlansana yethemba ngokudlisela ogageni amaqembu amakhulu uma sekubangwa izicoco ngesizini ezayo kodwa uMaleka uthe bona njengabadlali akubamangazi lokho.
“Siyazi ukuthi ungumqeqeshi ohlakaniphe kanjani. Simfisela konke okuhle ekubuyiseleni iBafana esicongweni ibe yiqembu esizoziqhenya ngalo. Ngiyazi ukuthi uzokwenza lokho,” kusho uMaleka owalandwa ngu-Igesund kuWitbank Aces eyagawulwa yizembe kumasizini amabili edlule.
UMaleka akadlalanga imidlalo eminingi kuSwallows ngesizini edlule kodwa unethemba lokuthi ngesizini entsha uzolithola ijezi. Lo mgadli ushaye amagoli amathathu emidlalweni emibili iSwallows eyidlale eChina ngenyanga edlule.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services