Sizoyidiliza imizi eyakhiwe ngoseyili: Nolubabalo

Comment on this story
NO MANDLALAvillege4 BONGANI MBATHA UNKK Pinky Zulu ehleli nomzukulu wakhe uAmahler Zulu 5 ehlathini elinomijondolo yocwazi. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA

NQOBIZIZWE ZWANE

‘UMASIPALA ngeke uchithe sikhathi kodwa uzoyidiliza imizi eyakhiwe ngoseyili ozoyithola ehlathini elokishini eLamontville.”

Lawa ngamazwi ashubile ekhansela lakule ndawo, uNkk Nolubabalo Mthembu, ebeliwabhekise kubantu abakha ngoseyili esigangeni ehlathini endaweni asebeyiqambe ngokuthi yiMadlala Village. NgoMsombuluko abasebenzi bakamasipala bagasele kule ndawo badiliza imijondolo eyakhiwe ngoseyili bethi balandela umyalelo wekhansela uNkk Mthembu okuyilo elibathumile.

Amakhaza nemvula ebinetha ngoMsombuluko ebusuku iphelele kubona njengoba iningi labo belingakayivusi imijondolo yayo ngenxa yokushoda kwezinto zokwakha.

Nakuba bayaphila baveze ukuthi kulamule ukuncikisana ngaphansi koseyili umasipala ongabathathanga, kunzima nokubasa njengoba belinetha futhi abanalutho lokudla ngoba kulinyazwe ngisho nezitofu zabo.

“Akekho umuntu ozovuka ekuseni ayobhusha ihlathi bese akha umjondolo wakhe, akufuneki muntu kuleli hlathi. Lokhu abakwenzayo akuvumelekile nakancane kufana nokudla umhlaba womuntu ngodli, kuphambene nomthetho. Uma behlulwa yilokho bazobhekana nengalo yomthetho ngoba kuyicala lokhu abakwenzayo,” kuxwayisa uNkk Mthembu.

NO MANDLALAvillege2 KWEDLULELE ngemijondolo yasemadlala village eLamont. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA BONGANI MBATHA

Ikhansela liphawula kanjena nje, lo mphakathi obubhodla umlilo utshele leli phephandaba ukuthi awukugqizi qakala okushiwo uNkk Mthembu, ulimisa ngesihloko elokuthi uyophuma uyizidumbu kule ndawo.

“Siyophuma siyizidumbu. Asiyi ndawo. Bengayibhidliza noma yikangaki imijondolo yethu basiphuce noseyili bethu asiyi ndawo,” kuphawula elinye ilungu lomphakathi.

Ngesikhathi Isolezwe lihambele kule ndawo kuvele ukuthi iningi labantu abahlala khona yimindeni.

UNkk Pinky Zulu onendodakazi eneminyaka emibili, u-Amahle, uthe uncamela ukuhlala kuleli hlathi elinamaxhaphozi kunokuyoquba koLindela.

“Asilubeki emathinini, kungcono sidliwe ngomiyane khona lapha kunokuthi siyohlala emathinini esingazi sokhishwa nini kuwona,” kusho uNkk Zulu.

Ebuzwa ngesizathu sokufuna ukuhlala kule ndawo uthe: “Ngeke ngikwazi ukulala nendodakazi yami eneminyaka engu-18 egumbini elilodwa nobaba ka-Amahle. Izolala kanjani ikhululeke kunomuntu wesilisa lapha endlini? Izogqoka kanjani? Ukuphepha kwayo kubaluleke ukudlula yonke into, lapha kungcono ngizokwazi nokwakha umjondolo wamagumbi amathathu ikwazi nokulala yodwa eceleni,” kusho uNkk Zulu.

NO MANDLALAvillege1 UMNUZ Sihle Mqadi ubeseshaya ngesudi yesele ngesikhathi elungiselela lapho ezogxumeka umjondolo aohlala kuwona. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA BONGANI MBATHA

Eqhubeka uthe bazothenga othayela abazokwakha ngabo njengoba besaqube emiphemeni yocwazi okwamanje.

Elinye ilungu lalo mphakathi, uMnuz Sihle Mngadi, lihambe emazwini kaNkk Zulu lithi uncamela ukudabula izinkalo eyofuna amanzi kunokuthi ayishiye le ndawo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.