Advertisement
X

U-50 Cent uphumile esibhedlela

USEPHUMILE esibhedlela umculi we-rap waseMelika, u-50 Cent (osesithombeni) obengeniswe kuso ngemuva kokulimala engozini yemoto ngoLwesibili ekuseni.

Ngokwe-website yezindaba i-bbc.co.uk, u50 Cent, uCurtis James Jackson III (36), ulimale ngemuva kokuthi imoto yakhe eyiSport Utility Vehicle ingenwe ngemuva yiloli emgwaqweni onguthelawayeka oseLong Island.

USEPHUMILE esibhedlela u50 Cent abengeniswe kuso ngemuva kokulimala nemoto ngoLwesibili ekuseni. Isithombe: AP Photo. Credit: AP

Nomshayeli wakhe, uBruce Miller, uthole imihuzuko kule ngozi kanti welashiwe wabe esededelwa.

U-50 Cent, obuye abe ngumlingisi, ufake izithombe zakhe elele ohlakeni efake nento entanyeni ngenkathi esesibhedlela. Izithombe zisabalale ezinkundleni zokuxhumana abanye bethi ushonile.

Ngokwesitatimende esikhishwe ngokhulumela u-50 Cent, uphuthunyiwe eNew York Hospital Queens lapho ebelashelwa khona ukulimala entanyeni nasemhlane.

Kulindeleke ukuthi akhiphe i-albhamu entsha iBlack Magic kulo nyaka. U-50 Cent waduma ngemuva kokuphuma kwe-albhamu yakhe i-Get Rich or Die Tryin’ eyaphuma ngo-2003 ne-The Massacre eyaphuma ngo-2005 inezingoma ezifana neCandy Shop, Disco Inferno, Outta Control nezinye. – Intatheli yeSolezwe

SHOW ALL
Advertisement