.
UYAMAMATHEKA u-Arthur Mafokate uma ekhuluma ngendaba yokusebenzisana ne-745 Records njengoba ethi ubambe ofishi abakhulu
SIHLE MKHIZE
INKOSI yomculo we-kwaito u-Arthur Mafukate obuye engamele isitebela somculo i-999 Music uvumile ukuthi ukuhlanganyela nabaculi baKwaZulu-Natal kuvula indlela eya empumelelweni.
Ukusho lokhu kade eveza ukuthi ubambe ufishi omkhulu njengoba esesebenzisana nesitebele saseThekwini, i-745 Records.
U-Arthur ubezwakala echichima yinjabulo edalula lezi zindaba ethi noma kanjani bazobopha ifindo nalesi sitebela esiphethewe nguSandile Ngcobo odume ngoSosha nabaculi abangaphansi kwakhe.
Ubesho kanje encoma ikhono lakhe ekuphrojuseni izingoma ezihlabahlosile nokulambela impumelelo kule ndima.
“Okungenze ngibone ukuthi ngingasebenzisana noSosha yikhono lakhe, uthando nokulambela impumelelo emculweni. Uma ubuka kule ndima ukuhlanganyela nabaculi bakwaZulu-Natal kwenza ibhizinisi liye phambili,” kuncoma u-Arthur.
UMNIKAZI we-745 Records uSosha Ngcobo sengathi uthi uwele ngelibanzi njengoba ezosebenzisana ne-999 Music
.
Mayelana nenkontileka abazosebenzisana ngaphansi kwayo walile ukuyidalula ethi kuphakathi kwabo bobabili. Leli phepha kodwa lithole ukuthi i-999 Music yiyo ezomaketha umsebenzi we-745 Records iphinde iwusabalalise.
USosha ethintwa ngalolu daba njengoba bekwaziwa ukuthi usayine neKZN Music House enezinkinga kulezi zinsuku uthe umshado wabo neMusic House uphele ngoFebhuwari kulo nyaka.
“Njengoba ngikhuluma nawe nje ngiphezulu eflethini ngiyayibona iKZN Music House ngithi bhabhayi kuyona. NgoLwesine (kusasa) ngizobe ngise-999 Music ngiyosayina inkontileka nayo. Imisebenzi azoyenza u-Arthur kuzoba ukumaketha nokusabalalisa umculo wesitebela sethu. Mina ngizobaphrojusela bonke abaculi kuhlanganisa naye u-Authur uqobo,” kusho uSosha ngenjabulo.
Uthe akazobashiya ngaphandle abaculi okubalwa uBullistic, Amaphelenjane noDJ Kotin kulesi sivumelwano abazosisayina.
“Nathi sekuyikhathi sokuthi sisabalale ngokomculo. Uma ubheka abaculi balapha eKZN abenza kahle bonke banokusebenzisana nezinkampani ezinkulu zaseGoli. Ngingabala iMayonnie (Soulistic Music) Afrotainment (Soul Candi) nabanye.
Uthi ngokuthatha lesi sinqumo akazisoli ngoba amukho umculi ophumelele eKZN angakaze asebenzisane naye.
Kuyimanje uSosha upheka igqomu lengoma elizoba kwi-albhamu yakhe azocula ngokuhlanganyela no-Arthur kuyona.
Mayelana nokuthi uzothutha yini alibangise eGoli uthe bazoqhubeka bazinze eThekwini.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services