KIKI NTULI

BAPHILA impilo ephezulu ewubukhazikhazi, baphethe isitayela futhi abasali ezintweni ezintsha, ezinhle nezithuthukayo.

Laba ngosaziwayo bakuleli abaqokwe ngabakhiqizi bemoto i-Audi ukuba bahambe ngonyanyavu lwezimoto zakwa-Audi South Africa, abaqhamuka emikhakheni ehlukene kusuka kubaculi, abasakazi kuya kwizihlabani zezemidlalo.

Abakwa-Audi bamemezele osaziwayo abazoba ngamanxusa abo kulo nyaka, okungoLira oyisihlabani somculi, abethuli beTop Billing oMichael Mol, Jeannie D noJo-Ann Strauss, umsakazi weHighveld Stereo u-Anele Mdoda nombhukudi ozomela leli kuma-Olympics uCameron van den Burgh.

Sekungokwesibili uJo-Ann, Anele noVan Den Burgh bekhethwa njengamanxusa akwa-Audi kanti uLira noMichael kade babuqala ubutsetsetse balezi zimoto njengoba kungunyaka wesihlanu lo.

Iphawula ngokuqokwa kwabo inhloko yakwa-Audi SA, uRyan Searle, ithe: “Sikulangazelele ukuqhubeka ukwakha nokuqinisa ubudlelwano esabuqala eminyakeni edlule.”

ULira uzobonakala ehamba nge-A7 Sportback 3.0T FSI quattro abathi ihambisana nobuhle, ithalente nogazi lwakhe.

Abanye abazoshayela lolu hlobo lwemoto ngoMichael noJo-Ann.

I-Q3 2.0 TDI quattro esanda kwethulwa izobanjwa yisibutubutu esingu-Anele, owazakhela udumo emsakazweni i-5FM.

Isingqazu esinguJeannie D sona sizohamba nge-A5 Cabriolet 2.0 T FSI quattro, kuthi uCameron azitshuzele nge-A5 Coupé 3.0 TDI quattro.