MCEBO MPUNGOSE
U PHROJUSA womculo we-house ohamba phambili kuleli uBlack Coffee wenze okungajwayelekile nge mpelasonto edlule ehlanyisa inkakha kaphrojusa ongusomabhizinisi e-United States, uP. Diddy.
UBlack Coffee ubese-USA eyonandisa eMiami, eFlorida kwindumezulu yomcimbi i-Ultra Music Festival nabanye oDJ abahlonishwa umhlaba wonke okubalwa kubo u-Avicci noDavid Guetta.
Emva kokunandisa kulo mcimbi, onekhasi elilandelwa ngabantu abangaphezulu kuka-3 million kuFacebook, uBlack Coffee uhambele i-after party ebisemzini kaP. Diddy waqhubeka wanandisa ngoMgqibelo ebusuku. NgeSonto uP. Diddy ufake i-video emfishane ku-Instagram nakuFacebook ememeza igama likaBlack Coffee edlala endlini yakhe. Le video ihambisane nombhalo obuthi, “umculo ohamba phambili kwi-Ultra usufikile!! Iciko elidume umhlaba wonke u@realblackcoffee uzosiletha isigqi sase-Afrika bukhoma eBlueDot #LetsDance.”
Ngaphandle kwale video, uBlack Coffee ufake isithombe esithakaselwe ngabantu abaningi ehlezi naye uP. Diddy, ogama lakhe nguSean John Combs. Kuso bekukhona nomdlali we-basketball uKyrie Irving nomrepha uWiz Khalifa.
Kulesi sithombe uBlack Coffee ubhale ukuthi, “u-9 ekuseni ephathini kaDiddy. Akulalangwa eMiami. Le nsizwa iyangigqugquzela.”
NgeSonto ebusuku uBlack Coffee unconywe ngapha nangapha ezinkundleni zokuxhumana, ngokunjalo noP. Diddy ngokuqhakambisa elinye lamathalente ahamba phambili e-Afrika. Kuzokhumbuleka ukuthi nanyakenye wake wadlala futhi emcimbini okwakuno P. Diddy kuwo .