U-DJ Kotin udlisa ngesigqi se-electro

Comment on this story
no DJ Kotin INLSA UDJ Kotin uthi ufuna ukujwayeza abantu abamnyama baseThekwini umculo owaziwa njengowabamhlophe, i-electro. Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

FANELESIBONGE BENGU

UMA eqhamuka ezindaweni zobumnandi labo abangakamazi uyaye ubezwe beqhwebana bebuzana ukuthi ngubani lo ofana nomculi waseMelika we-hip hop, uRick Ross.

Isiqu somzimba, intshebe, izibuko zelanga nebala yizinto ezenza uDJ Kotin acabangise abaningi uRick Ross kodwa uma esengene enkundleni usala phansi lo mcabango ngoba akayidlali i-hip hop kodwa ugxila kwisigqi se-electro house, kuhlanye abantu.

Lo DJ waseThekwini odlala lolu hlobo lwe-house ethandwa kakhulu ngabamhlophe i-electro uthi ufuna ukukuqeda ukuthi umculo kuthiwe ngowabathize kodwa ujatshulelwe yiwo wonke umuntu.

Igama lakhe nguSiyabonga Zikode (28) kanti usezakhele olukhulu ugazi kubathandi bobumnandi, ikakhulukazi abesifazane, ngokudlala izingoma abazicula kalula njengengoma kaDavid Guetta no-Usher ethi Without You.

Lo DJ ongadumile kakhulu emakilabhini kodwa othanda ukudlala emicimbini eba sezinkundleni zemidlalo, uthe phambilini i-electro ebeyaziwa ngabamhlophe isiyaqala ukungenisa nakwabamnyama.

Uthi oDJ be-5FM oFresh no-Euphonik sebewufakile lo mculo kwabamnyama kangangokuba baqashwa ubuthaphuthaphu ezindaweni zobumnandi zabamnyama.

“Mina njengoba kuyimi ngedwa odlala lo mculo eThekwini, ngibhekene nengwadla yokuthi ngiwujwayeze abantu bakule ndawo abazithandela igqomu. Ngizama ukuqeda le nto yokuthi eThekwini yindawo yegqomu kodwa ngifuna kube wukuthi wonke umculo uyathakaselwa,” kusho lo DJ othe akathandi ukudlala kube khona umuntu obhorekile.

UDJ Kotin osayine enkampanini kaSbonelo “Sosha” Ngcobo, i-745 Records, okuqopha kuyo uBullistic, DJ Oros, namaPhelenjane uthe i-albhamu yakhe elandelayo uzozama ukuwufaka lo mculo.

“Kule albhamu yami yamanje ephume ngoDisemba ngifake i-house yaseThekwini ne-deep house. Manje ngifuna ukuthi uma sengenza enye ngifake i-electro,” kusho uKotin.

Isolezwe like labika ngodaba lokuthi lo mculi uthola izinsongo zokufa ngoba esolwa ngokushendeza nentombi yomuntu ongaziwa, uthe lezi zinsongo zisaqhubeka.

“Usaqhubeka lo muntu ukungifonela njalo ngemuva kuka-12 ebusuku athi angihlukane nentombi yakhe. Ukhona engimsolayo kodwa ngeke ngikwazi ukumdalula,” kusho yena.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.