ISOLEZWE
Ngaphambi kokungena ohlelweni iTropika Island Of Treasure, uDJ Zinhle uveze izinto azithandayo, ezimcasulayo nezingaziwa ngabantu ngaye.
UDJ Zinhle, odabuka eDannhauser kodwa osedume kulo lonke leli ngisho nasemazweni angaphandle, ungomunye wosaziwayo abangenele uhlelo lwethelevishini olungumncintiswano, iTropika Island Of Treasure, ezoqala ngoFebhuwari 12 kuya ku-Ephreli 2. Akungatshazwa ukuthi unesasasa ngokungenela kulolu hlelo kwazise ozophuma phambili uzothola umklomelo ka-R 1m. Ababukeli bazobukela lolu hlelo oluzokhonjiswa ku-e.tv, sebeyazi kangcono le ntokazi enesikhungo esiqeqesha intsha yabesifazane efisa ukuba ngoDJ. Sixoxisane naye kanje:
Yini esiyenzekile egqamile empilweni yakho ezinyangeni ezingu-12 ezedlule?
Ukuqokwa ukuthi ngibe yingxenye yesizini yesine yeTropika Island Of Treasure. Kusho lukhulu lokhu kimina kanti sengijahe kabi ukuyozithokozisa kulo mncintiswano.
Iyiphi ifilimu oyithande kakhulu ezinyangeni ezingu-12 ezedlule futhi iyiphi eyohlale isenhliziweni yakho?
Ngayithanda iFor Coloured Girls. Yayishubile yona kodwa yayixoxa noma iveza izinto abantu besifazane abebhekana nazo mihla namalanga. Ifilimu engiyohlale ngiyithanda yi-Indecent Proposal.
Iyiphi i-albhamu oyilalelayo kulezi zinsuku? Ungakhohlwa ukusitshela nangaleyo oyohlale uyithanda.
Njengamanje ngidlala i-F.A.M.E. kaChris Breezy (Chris Brown), unethalente bo loya mfana. Ngithanda nekaNicki Minaj, usisi lo unobudlova. Ama-albhamu engiyohlale ngiwathanda ngakaLuther Vandross noMichael Jackson.
Yikuphi ukudla okuthandayo, nongakuthandi?
Ngiyazifela nge-pasta eyenziwe kahle ngempela, ngiyawuthanda nofishi. Angiyithandi inyama ebomvu.
Uzigcina kanjani ubukeka kahle?
Angidli noma yini, ngiyakuqaphela engikudlayo.
Awusitshele ngezinto ezintathu obona zenza iNingizimu Afrika ibe yizwe elehlukile.
Abantu bakuleli, izilimi namasiko ehlukahlukene noNelson Mandela.
Yimaphi amagama othanda ukuwasho ngisho abangani bakho asebekwazi ngawo?
Ngiyathanda ukuthi “ngempela” nokuthi “ngingafa.” (uwasho ngesingisi lama gama)
Walugubhela kuphi nakanjani usuku lwakho lokuzalwa lwakamuva?
Ngaba nomcimbi endaweni yokudlela ka-Oskido (Oscar “DJ Oskido” Mdlongwa) eseMidrand. UDJ Fresh wenza ezibukwayo kuleyo phathi.
Iyiphi indawo ofisa ukuyivakashela futhi ungafisa ukuhamba nobani?
Ngifisa ukuya eHong Kong nabangani bami oNomndeni noMasego, sikhithize kuze kube yileyo ndaba.
Yimuphi usaziwayo omthandayo?
U-Oskido ngokugqugquzela nokuthuthukisa abantu abaningi kule ndima yomculo. Unobuntu futhi uyisibusiso.
Iyiphi into ozitshele ukuthi kumele uyenze ngaphambi kokudlula emhlabeni?
Ukuba nabantwana.
Ikhona incwadi oyifundayo?
Ngifunda i-The Help ebhalwe nguMarian Keyes.
Yiziphi izinto abantu abangazazi ngawe?
Akuve ngiwasaba amabhelunde. Ngiyakuthanda ukuhleka kanti nokukhala futhi zisheshe zizehlele izinyembezi. Nginezibuko zelanga ezingaphezu kuka-20. Ngiyathanda ukukhuluma nezinto ezingakhulumi njengemoto nezingubo zokugqoka.
|
|
Services