FANELESIBONGE BENGU
UMREPHA ozakhele udumo ngengoma ethi Roll Up, u-Emtee, uthe engakujabulela ukuthola indondo yeBest Hip Hop Album kumaMetro FM Music Awards, azoba seNkosi Albert Luthuli Convention Centre, ngoMgqibelo.
Lo mrepha uqokwe eminxeni emine okungoweBest Hip Hop Album, Best Music Video, Best New Artist noweBest Remix.
KoweBest Hip Hop Album uqhathwe noCassper Nyovest, Ricky Rick, FiFi Cooper noZakwe.
“Ngisebenze kakhulu kule albhamu. Ngenze i-albhamu ngingazi ukuthi abantu bazoyithatha kanjani kodwa manje abantu bayayithanda. Uma nginandisa ngisho ngicula ingoma engicabanga ukuthi ayaziwa abantu bayayicula. Bengingathanda ukuthi ngiphume ngiphethe ngosuku lwemiklomelo,” kusho uEmtee.
U-Emtee, ingoma yakhe eyayisohlwini lwezingoma ezingu-10 okwakukhethwa kuzo ezohlukanisa unyaka kuKhozi FM, ngoLwesihlanu ebusuku ubenandisa endaweni yobumnani iSociety, eThekwini.
Yize bekungagcwele kodwa abantu bebebonakala bejabule. Omunye uze wathi mhlawumbe abantu bayazonga abafuthi ukuyojabula kakhulu kwazise ngempelasonto imicimbi izobe ithe chithi saka.
U-Emtee uthe impumelelo ye-albhamu yakhe ayimfaki ngaphansi kwengcindezi ngoba uyawuthemba umculo wakhe.
“Kade ngaqala ukwenza umculo. Kimina kulula ukwenza ingoma ngoba ngihlale ngisestudiyo. Njengamanje nginezingoma eziningi kakhulu ongeke uziqede. Ngenza umculo othinta abantu bakuleli ngoba ngiyabazi ukuthi bathanda ini,” kusho umrepha oshisa izikhotha ngengoma ethi Pearl Thusi.