Advertisement
X

U-Jaguar ozodala amathuba omsebenzi

INKAMPANI yezimoto iJaguar Land Rover (JLR), ekungenkulu kakhulu eNgilandi ekwakheni izimoto izokwandisa umsebenzi wayo embonini yayo enkulu eCastle Bromwich khona

eNgilandi ngenhloso yokweseka ukwethulwa kwezinhlobo ezintsha zakwa Jaguar.

UKWAKHIWA kwezimoto zakwa- Jaguar kuthiwa kuzokwandisa amathuba omsebenzi ekomkhulu layo

Kuzodalwa amathuba emisebenzi angaphezulu kuka 1,100 ngesikhathi kuqala umsebenzi wokwakhiwa kwalezi zimoto.

Isikhulu esiphezulu kwa Jaguar Land Rover uDkt Ralf Speth, uthi ukwakha izimoto eziqinile, ezinobuchwepheshe besimanje futhi ezisesitayeleni samanje ngenye yezinto eyenza bahlale behamba phambili.

Uthi ngaphambi kokuphela kwalo nyaka bazokwethula i- XF Sportbrake kanye nezinye izinhlobo zama Jaguar ezizothakaselwa ngabathandi balezi zimoto.

Iningi lemisebenzi ezodaleka ngokwakhiwa kwezimoto ezintsha kwa Jaguar izokuba khona kwelaseNgilandi lapho le nkampani inekomkhulu layo khona.

SHOW ALL
Advertisement