isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

u-JETTA usahamba phambili namanje kwezakwa-vw

Comment on this story


no ijeta2

.

U-JETTA ubonakala usayimoto ongayethemba ngoba kutholakala okuningi kuyo

EMINDENINI yonke esiphuma kuyona noma ngabe nizelwe niyishumi ekhaya, kodwa iba khona intandokazi phakathi kwenu. Esikhathini esiningi umuntu uzakhele yena ukuba yintandokazi kubazali bakhe ngezinto ezinhle azenzayo ezihambisana nokuziphatha kwakhe. Njengakuyo yonke imindeni nakwa VW ngibone iJetta ibadlulela kude abafowabo nodadebayo bomndeni wakwa VW.

Ngesikhathi yethulwa ngoSepthemba, kimina ngazibonela enye nje yezimoto, kodwa emuva kokuba ngithole ithuba elanele lokuhlala ne 2.0 TDi esebenzisa udizili ngibe nokuwushintsha umqondo wami ngale moto.

Engikuqaphelile ngayo ukuthi inesikhala esikhulu okuyenza imoto elungele umndeni ngoba ikwazi ukulayisha ngokukhululeka abantu abahlanu. Izihlalo zale Jetta ebengihamba ngayo ziyakwazi ukuthi zikufudumeze ngokucindezela ibhathini. ngaphandle nje kobuntofontofo le Jetta idle nangamandla. Ngesikhathi ngiyivivinya ngilayishe umthwalo osindayo nabantu abahlanu, yilapho izibonakalise khona ukuthi imoto ongayethemba. Okunye okungihlabe umxhwele ngayo ukuthi ayicaphuni kakhulu emafutheni njengoba idonsa ngodizili.

Ngisithandile isitayela sakwa VW sokuthi izihlalo zangemuva zibe nendawo ekwazi ukuthi ivuleke ubone ebhuthini.

Ibhuthi yakhona ingudedangendlale ukwazi nokulayisha kuyo izilwane ezimbili zikwazi nokuphefumula ngenxa yesikhala ezihlalweni zangemuva.

Ngaphezu kwalokhu kune airconditioner eqondene ngqo nabantu abahleli ngemuva.

no ijeta

IJetta isizimele gelekeqe, sezadlula lezo zikhathi lapho abantu babechaza khona iVW Jetta njenge “Galofu elinebhuthi”.

IJetta ihlukene ngezinjini kukhona i-1.2 TSI enamandla afinyelela ku 77kW esesigabeni esiphansi kakhulu.

Lena ilandelwa i 1.4 TSI 90kW, kanye ne 1.4 TSI twincharger ekhiqiza amandla afinyelela ku 118kW.

Injini engu 1.4 TSI iphuma no gearbox ongu 6 speed oshintshwayo.

Ngebanga elingu 100km idla upetrol olinganiselwa ku 6.5 litres.

Ijubane layo eliphezulu ligcina ku 221km/h.

no ijeta1

Omunye umngani wami ukhale ngokuthi ubona umzimba wemoto uzosindwa yinjini ngoba mkhulu injini incane.

Kukhona ezinye izinjini ezimbili okuyi 1.6 TDI ekhiqiza amandla afinyelela ku 77kW kanye ne last number i-2.0 TDI enamandla angu 103kW.

Ngibethulela isigqoko kwa VW ngokwenza zonke izinhlobo zale Jetta ziphume ne-Electronic Stabilisation Programme, anti lock braking sysytem (ABS), traction control neHydraulic Brake Assist. Ngaphezu kwalokhu zonke izinhlobo ziphinde ziphume ne Hill Hold Assist, ukuyichaza nje isiza uma imoto imi entabeni noma esiminyaminyeni sezimoto ukuthi ikwazi ukuzibopha ukuze ingasheleli.

Uma ingane yakho ejwayele ukulunguza ngewindi ize ibeke nezandla angeke nangengozi ilimale uma uvala iwindi kwi Jetta ngoba iyakwazi ukusensa uma kukhona into engaphazamisa ukuvalwa kwewindi

IZINTO ONGAZITHOLA NGOKWENGEZA IMALI

n Leather upholstery

n Parking distance control

n Bluetooth phone preparation

n RNS 510 Satellite navigation

system

n RCD 510 Radio/6-CD Changer

n Towbar (unavailable for 1.2 TSI)

n Xenon headlights

n 2-Zone Climatronic air conditioner

n 230V socket on centre console

ISERVICE NE WARRANTY

Iphuma ne 5 year/90 000km Auto Motion Maintenance Plan, 3 year/120 000km warranty kanye ne- 12 year anti-corrosion warranty kanye ne-service ka 15 000km.

OKUQUKUTHWE YILE JETTA ENTSHA

Injini : 4 cylinder

Amafutha : isebenzisa udizili

Amandla : 103kW/320Nm

Ijubane eliphezulu : 210 km/h

Ama airbag : Angu 8

Udizili : Isebenzisa amalitha angu 4.8 ngebanga lika 100km

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
TIDIMALO76
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 23 and 40.
View Profile
Maggs
I'm a 39 year old woman looking to meet men between the ages of 35 and 45.
View Profile
The_GirlNextDoor
I'm a 29 year old woman looking to meet men between the ages of 28 and 38.
View Profile
IOL - dating
PawPaw
I'm a 31 year old woman looking to meet men between the ages of 36 and 40.
View Profile
IOL - dating
honeybee_600
I'm a 22 year old woman looking to meet men between the ages of 24 and 32.
View Profile
IOL - dating
Nnk9876
I'm a 32 year old woman looking to meet men between the ages of 18 and 100.
View Profile