ZANELE MTHETHWA
I SILOMO somculi wekwaito saseThekwini sifisa kube nemicimbi yobumnandi ezohlanganisa izinhlanga ukuqeda isihlava sokucwasana esihlasele elakuleli.
UL’vovo Derrango ukusho lokhu izolo emuva kokusayina isivumelwano sokuzibophezela ukuba yingxenye yomkhankaso wokulwa nokucwasa osungulwe yinkampani eshicilela Isolezwe namanye amaphepha i-Independent Media.
Lo mkhankaso owethulwe ngenyanga edlule wenziwe ngokuhlanganyela neSekunjalo, i-Ahmed Kathrada Foundation, iFibre Processing and Manufacturing Sector, SA Clothing and Textile Workers Union neSector Education and Training Authority.
Leli sonto libhekiswe ekulweni nokucwasa ngokwebala kanti umkhankaso we-Independent Media unesiqubulo esithi “Racism Stops With Me”.
Umkhankaso ugqugquzela ukuthi wonke amalungu omphakathi azibophezele ekubeni yingxenye yokulwa nokucwasa.
UL’vovo utshele Isolezwe ukuthi angazihlanganisa nanoma yimuphi umkhankaso olwa nokucwasa ngoba yinto angahambisani nayo.
“Ngiyakholelwa ekubumbaneni ngoba sonke singabandawonye, akumele sihlukaniswe yibala. Thina njengamaciko singenza omkhulu umehluko uma sigqugquzela imikhankaso yokulwa nokucwasa ngoba sifika kalula kubantu. Uhulumeni angayibeka imithetho kodwa nathi kumele sibambe iqhaza ngoba sisondelene nomphakathi. Akumele kube namakhonsathi aziwa ngokuthi ngawabelungu noma ngawabamnyama kuphela kodwa kumele sibumbane,” kusho yena.
UL’vovo uthe angathanda ukwenza ingoma nomunye wabaculi bolunye uhlanga ukukhuthaza ubumbano emphakathini. Emasontweni amabili edlule lo mculi ubenandisa emdlalweni wamaSharks eGrowthpoint Kings Park Stadium, eThekwini.
Ubenandisa noJack Parow ongumrepha, owaziwa ngokuthi umculo wakhe ulandelwa ngabamhlophe.
“Bengimenywe amaSharks ukuyocula njengoba nawo enomkhankaso wokudala ubunye. Ukucula ndawonye noParow ngikujabulele ngoba kwakha isithombe esihle sokuthi singabaculi asicwasani,” usho kanje.
Yize kudume ukucwasana ngokobuhlanga, uL’vovo uthe ziningi izinhlobo zokucwasa okumele kuliwe nazo.
Ulinganise ngokucwasana ngokobuzwe kwabamnyama, nokucwasana kwemindeni ngoba abanye bebukelana phansi ngokwezinga lempilo.
Umkhankaso we-Independent Media usuhambisana ne-website i-stopracism.iol.co.za lapho kugqugquzelwa umphakathi ukuthi ubambe iqhaza ezingxoxweni ezigqugquzela ubunye.
Kule website kukhona nazo zonke izindaba ezihambisana nokulwa nalesi sihlava.
UMnuz Adrian Ephraim oyi-Managing Editor kwa-IOL uthe sekukhulunywe kaningi ngodaba lokucwasa kodwa ukuba ne-website kuzosiza ukuthi wonke umuntu abeke udaba olungakaze luzwakale.