U-Unathi kweyokucija abesifazane

Comment on this story
NO_no unathi40 INSLA Umsakazi u-Unathi Msengana uzobe eyisikhulumi esiqavile engqungqutheleni yabesifazane i-IPM Women's Conference. Isithombe: PABALLO THEKISO

KULINDELEKE ukuthi ihanjelwe ngosaziwayo ingqungquthela ezocija abesifazane, i-Institute of People Management Women’s Conference yalo nyaka.

Lo mcimbi ozobe use-International Convention Centre yaseThekwini ngoJulayi 20, ngawo kuhloswe ukuthi kucijwe abesifazane ngamakhono ahlukene nezinkulumo ezakhayo.

Kulindeleke ukuthi abazobe bewuhambele bafunde lukhulu njengoba loyo oyijaji ohlelweni lokuveza ithalente, i-Idols aphinde abe ngumculi nomsakazi kuMetro FM, u-Unathi Msengana kube nguye isikhulumi sosuku.

Uhlelo lwale ngqungquthela ezothatha usuku olulodwa luzophathwa ngusomahlaya obuye abe ngumlingisi uCandice Moodley kanti kuzoba khona nosomahlaya wodumo u-Evita Bezuidenhout, nabanye.

Abahleli bomcimbi bathembise ukuthi kuzoba wusuku olungasoze lukhohlakale ngoba nabasiki bengqephu abaziwayo bezobukisa ngezimpahla zabo.

Umongo walo nyaka uthi-The Balancing Act okuncike ekutheni lona ngunyaka okufanele abesifazane bakwazi ukuthi benze konke abazimisele ngakho ngokulingana, emsebenzini nasekhaya.

NO_no unathi0 Unathi Msengana uzobe eyisikhulumi esiqavile engqungqutheleni yabesifazane i-IPM Women's Conference. Isithombe: CATHY PINNOCK Cathy Pinnock

Le ngqungquthela kuzobe kungeka-18 kusukela yaqala kanti inegalelo elikhulu ekucijeni abesifazane ukuze baphumelele kwezamabhizinisi nasekhaya.

Kulindeleke ukuthi ihanjelwe ngabesifazane abaphuma ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika nasemikhakheni ehlukene.

Abahleli bathe abawuhambele ngeke bagcine ngokuthola amazwi akhayo kuphela nje, kepha kunemiklomelo evela ezinkampanini ezifana no-Old Mutual, Honey Jewelery, Nandos nezinye ezohlonyulwa. – Intatheli yeSoelzwe


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.