Advertisement
logoSections

U-Unathi kweyokucija abesifazane

KULINDELEKE ukuthi ihanjelwe ngosaziwayo ingqungquthela ezocija abesifazane, i-Institute of People Management Women’s Conference yalo nyaka.

Lo mcimbi ozobe use-International Convention Centre yaseThekwini ngoJulayi 20, ngawo kuhloswe ukuthi kucijwe abesifazane ngamakhono ahlukene nezinkulumo ezakhayo.

Umsakazi u-Unathi Msengana uzobe eyisikhulumi esiqavile engqungqutheleni yabesifazane i-IPM Women's Conference. Isithombe: PABALLO THEKISO. Credit: INSLA

Kulindeleke ukuthi abazobe bewuhambele bafunde lukhulu njengoba loyo oyijaji ohlelweni lokuveza ithalente, i-Idols aphinde abe ngumculi nomsakazi kuMetro FM, u-Unathi Msengana kube nguye isikhulumi sosuku.

Uhlelo lwale ngqungquthela ezothatha usuku olulodwa luzophathwa ngusomahlaya obuye abe ngumlingisi uCandice Moodley kanti kuzoba khona nosomahlaya wodumo u-Evita Bezuidenhout, nabanye.

Abahleli bomcimbi bathembise ukuthi kuzoba wusuku olungasoze lukhohlakale ngoba nabasiki bengqephu abaziwayo bezobukisa ngezimpahla zabo.

Umongo walo nyaka uthi-The Balancing Act okuncike ekutheni lona ngunyaka okufanele abesifazane bakwazi ukuthi benze konke abazimisele ngakho ngokulingana, emsebenzini nasekhaya.

Le ngqungquthela kuzobe kungeka-18 kusukela yaqala kanti inegalelo elikhulu ekucijeni abesifazane ukuze baphumelele kwezamabhizinisi nasekhaya.

Kulindeleke ukuthi ihanjelwe ngabesifazane abaphuma ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika nasemikhakheni ehlukene.

Abahleli bathe abawuhambele ngeke bagcine ngokuthola amazwi akhayo kuphela nje, kepha kunemiklomelo evela ezinkampanini ezifana no-Old Mutual, Honey Jewelery, Nandos nezinye ezohlonyulwa. – Intatheli yeSoelzwe

SHOW ALL
Advertisement