ISOLEZWE
IZIMOTO zakwaVolkswagen ezisebenzisa iBlueMotion ziyonga kakhulu kuphwethiloli njenge-Golf 1.6 TDI BlueMotion.
AKUZANGE kungimangalise ukuthi kungani yadla umhlanganiso ngokuba imoto ewonga kakhulu uphethiloli uma uyiqhathanisa nezinye ezisesigabeni sayo iVolkswagen Golf 1.6 TDI BlueMotion. Phela ngonyaka odlule le moto yiyo eyagcina ngokuthatha isicoco emncintiswaneni wokonga uphethiloli obizwa nge 2011 TOTAL Economy Run. Le Golf yawina esigabeni sezimoto zikadizili
Umncintiswano wangonyaka odlule obese kungoka-35 wabanjelwa eThaba ‘Nchu, eFree State. Emuva kokuba le moto iphumelele sathola ithuba lokuyihlola ngendlela esebenzisa ngayo uphethiloli ukuze sithole isiqiniseko nobufakazi buka u-Eddie Bielfeld ongumshayeli osemnkantshubomvu nomsizi wakhe uBrian Page abebehamba ngayo baphula irekhodi besebenzisa udizili ongamalitha angu 4,39 ngebanga elingu 100km.
Noma mina nozakwethu sizamile ukuyincenga sihlose ukuphula irekhodi lika-Biefield kodwa sihlulekile ukufinyelela kulesi sikalo sika 4,39 njengoba sigcine senza u-5,79 ngebanga elingu 100km.
Noma bekungelula kithina ngenxa yesiminyaminya sezimoto emgwaqeni sisuka e-Adams Mission sihamba ngomgwaqo omdala u-R103 sinqamula emshini omdala kashukela eLovu sishona eMkhomazi singqengqa efemini ekhiqiza iphepha iSaicor. Okunye okubonakale kudala ukuthi singakwazi ukufinyelela kulesi sikalo sika-Biefield no-Page ukuthi lo mgwaqo udle ngemimango futhi uwubhuqu, kukhona lapho kudingeka khona ukuthi uthi ukufaka kancane amafutha. Engikuqaphelile kulolu hambo ukuthi i 1.6 TDI BlueMotion imoto ewongayo uphethiloli kodwa ukuze uzuze isikalo esincane kumele uhambe ngayo emigwaqeni eqondile futhi eyitiyela.
Enye imoto yakwa Volkswagen esike yadla umhlanganiso kulo mncintiswano iPolo 1.2 TDI BlueMotion yona eyasebenzisa udizili ongu 4.44 litres ngebanga lika-100km.
Ezinye izimoto zakwa-Volkswagen eziphuma nobuchwepheshe be BlueMotion Technology muva nje yi Touareg, Volkswagen CC ne- Tiguan.
Ezinye izimoto ezikhombise ukonga u-petrol kube i-MiTo yakwa Fita kanye ne-Mini Country Cooper s 1.6 litres ewine emkhakheni obizwa nge-class.
OKUNYE NGE GOLF 1.6 TDI BlueMotion •
Amandla enjini : 77kw at 4400rpm•
Amandla eTorque: 250 Newtonmetres at 1500rpm•
Ijubane eliphezulu: 190km/h• CO2 Emissions Value: 99 g/km
NGE POLO 1.2 TDI BlueMotion•
Amandla enjini : 55kw at 4200rpm•
Amandla eTorque: 180 Newtonmetres at 2000rpm•
Ijubane eliphezulu: 173km/h• CO2 Emissions Value: 89 g/km
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services