Advertisement
X

U-VZ ugxeke abeNkatha ngodlame

BAWINILE NGCOBO

I-NFP ithi iphoxekile ngokwenzeke ehostela KwaMashu izolo njengoba bephume sekunzima beshaywa ngamatshe kwalimala izimoto zamalungu ayo nabantu baze baphuthunyiswa esibhedlela.

ABALANDELI beNkatha Freedom Party bevale umgwaqo ongenela ehostela KwaMshu bevimba iNFP ukuzokhankasa izolo.Isithombe: PATRICK MTOLO. Credit: INLSA

UNkk Zanele kaMagwaza-Msibi obekhona bezokhankasela ukhetho lokuchibiyela, uthe ibuhlungu into eyenzekile kubo kuleli hostela ngoba kuyaziwa futhi umthetho uyasho ukuthi amaqembu ezepolitiki anelungelo lokukhankasa noma kuyiphi indawo ngokukhululeka.

Uthe le nto eyenzeke izolo kuyabonakala ukuthi beyihleliwe.

“Yile nto engangiyisho ngithi abaholi abakhulume nabantu emazingeni aphansi. Amaphoyisa abekhona kodwa ngendlela isimo ebesiyiyona bekubonakala ukuthi abesaba futhi nawo abemancane, azamile ukukhuluma nabantu,” kusho uKaMagwaza-Msibi.

Uthe ayikho into eyedlula ukuthi kukhulunywe.

“Into yakuleya ndawo ibuhlungu kakhulu ngoba akekho umuntu we-NFP okwazi ukuphuma egqoke isikibha sakhe, kwambala o-orange abasafuni ukuthi ugqokwe. Ngesonto eledlule kushaywe amawindi ezindlu zabantu ngoba kuthiwa bayi-NFP,” kusho uKaMagwaza Msibi.

Uthe zingaphezulu kuka-10 izimoto zabo ezilinyaziwe, kwalimala abantu kodwa wazi ukuthi babili abaphuthunyiswe esibhedlela.

Uthe ikomiti lamaqembu ehlukene elabunjwa ayikho into ebambekayo elisayenzile ngoba bakhona abahlala kuwo lawa makomiti abebekhona.

UKaMagwaza-Msibi uthe uyagcizelela ukuthi akukho okudlula ukuthi kuyiwe kubantu emazingeni aphansi.

UMnuz Blessed Gwala we-IFP uthe into eyenzeke KwaMashu iyadabukisa kufana nokusetshenziswa komthetho othi iso ngeso, izinyo ngezinyo.

Ugxeke kakhulu ukuvalwa kwemigwaqo nokushiswa kwemoto yentatheli.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Vincent Mdunge uthe kuvulwe icala lokuphehla udlame emphakathini nokucekela phansi impahla.

Uthe amaphoyisa azoqhubeka nokugada leya ndawo.

SHOW ALL
Advertisement