MLUNGISI GUMEDE

BATHWELE kanzima abantu abasebenzisa ezokuthutha umphakathi eMpumalanga, eHammarsdale, ngemuva kokushuba komkhankaso wokuduba amabhasi odala ukuthi abagibeli babe ngondingasithebeni ezitobhini ngenxa yokushoda kwezinto zokuhamba.

Kusukela kuqale lo mkhankaso emasontweni adlule ngemuva kokuthi abanikazi bawo bekhuphule imali yokugibela, sekuhlale kunolayini abade erenki yamatekisi kule ndawo okwenza abantu abasebenzayo bafike sekudlule isikhathi emsebenzini.

Izingane zesikole ezifunda ezikoleni ezingaphakathi elokishini ziyaphoqeleka ukuthi zihambe ngezinyawo ngoba zigwema ukulinda isikhathi eside ezitobhini. Osomatekisi basebenza kanzima bezama ukuthutha abagibeli kulandela isiteleka samabhasi.

Ilungu lomphakathi, uMnuz Sakhile Khoza, lithe iyabahlukumeza indaba yokuduba amabhasi ngoba idala ukuthi zishode izinto zokuhamba endaweni.

“Iningi labantu selihamba ngamatekisi ngenxa yomkhankaso wokuduba amabhasi, nosomatekisi abanazo izimoto ezanele ukuhlinzeka umphakathi ngosizo,” usho kanje.

NgoLwesihlanu olwedlule kushiswe ibhasi okubikwa ukuthi belinezinyanga ezine lithengiwe ngo-R1.2 million.

Okhulumela inkampani yamabhasi uMnuz Pete Cronje uthe lesi sigameko basibikile emaphoyiseni.

Ukushiswa kwaleli bhasi kulandele isigameko sokuhlaselwa komshayeli webhasi edayisa amakhuphoni emasontweni amabili edlule.

Ngenxa yokushuba kwesimo, abanikazi bamabhasi sebeqashe onogada abaphelezela amabhasi uma ethwele abagibeli.

Yize amabhasi eqhubeka nokusebenza kodwa sehle kakhulu isibalo sabantu abawagibelayo. Imali yokugibela ibhasi esuka eMpumalanga iya eThekwini inyuswe ngo-R6.

Ikhansela lendawo uMnuz Nkosiphendule Dlamini lithe benza konke okusemandleni abo ukuthi basilungise lesi simo.

“Inkinga ekhona wukuthi sekungene nepolitiki kulolu daba yingakho kungelula ukulungisa isimo,” usho kanje.