Ubanjwe eba izihlalo zasesontweni

Comment on this story
NO ntuzuma4~1 INLSA UMPHATHISIFUNDA waseLuthela, eNtuzuma uReverend Njabulo Sithole ekhombisa amawindi abephulwa ngumsolwa uma ezontshontsha izihlalo zesonto.

BAWINILE NGCOBO

IBHUNGU laseNtuzuma libanjwe oqotsheni izolo ekuseni ligugusheka nezihlalo zesonto laseLuthela kule ndawo ebese kunezinyanga ezimbili zilokhu zinyamalala kodwa kungabonakali lapho kugqekezwe khona.

Leli bhungu elineminyaka engu-17 libanjwe ngamalungu omphakathi liphethe izihlalo ezine zaleli bandla abe esebiza umfundisi.

Lithathwe ngamaphoyisa ophiko lweNational Mobile Train Unit eThekwini okuyiwo asukumele phezulu lolu daba likhomba lapho lidayise khona izihlalo.

Lezi zihlalo bezitholwa emizini yabantu kuyo le ndawo, ezitolo nasemathaveni. Komunye umuzi kutholwe nopende obuthengelwe ukupenda indlu yebandla.

UMfu Njabulo Sithole onguMphathisifunda waseNtuzuma uthe kusukela ngoNovemba bebeqaphela ukuthi izihlalo endlini yesonto zilokhu zincipha, njalo uma bebuya bezokhonza bafica zingaphelele.

NO ntuzuma1~1 Ithimba lamaphoyisa iNational Mobile Intervention Unit, eThekwini ebeliholwa nguConstable Ravendran Govender nomsolwa obekuthiwa akakhombe lapho edayise khona izihlalo okuthiwa uzebe ebandleni laseLuthela eNtuzuma. Izithombe: PATRICK MTOLO INLSA

Uthe bese zilinganiselwa ku-150 izihlalo ebese zebiwe, bese bethenge nezintsha ezinye zazo lo msolwa abanjwe eziphethe. Kuthiwa ngeSonto umsolwa webe eziyisithupha, ezinye bezimakiwe ngomaka wesonto.

“Besifica kufe amagilasi amawindi kodwa sizitshele ukuthi awiswe ngumoya ngoba mancane kakhulu akekho umuntu ongangena kuwo. Umnyango ubungakhombisi ukuthi ugqekeziwe kanti bese kukhona ukudideka nokusolana sisodwa ngaphakathi ngokulahleka kwalezi zihlalo,” kusho uSithole.

Uthe ubonga umkhuleko ngokugcina kutholakele ukuthi lezi zihlalo bezithathwa ngubani ngoba bese kukubi esontweni ngoba bekungagqekezwa kodwa izihlalo zilahleka.

Lo msolwa kuthiwa ubefike abulale iwindi alivule ngaphakathi bese engena, avule umnyango ngaphakathi, akhiphe izihlalo, aphinde awuvale umnyango bese ephuma ngewindi, bese elivala.

USithole uthe uvuswe ngelinye ilungu lomphakathi izolo ekuseni limbikela ngomfana osebanjiwe ephethe izihlalo zesonto, sibe sesisizwa ngamanye amalungu ebandla angamaphoyisa ahamba naye ziqoqwa lapho ebese ezidayise khona.

“Ngiphoxekile nje ngokuthi abantu bakule ndawo yibo abebethenga izihlalo zebandla,” kusho uSithole.

Kuvele ukuthi izihlalo ebezitholwa akusizo kuphela ezasebandleni laseLuthela kodwa kukhona nezinye ebekungaziwa ukuthi bekungezaphi.

UConstable Siyabonga Gumede oyilungu lebandla obelekelela ukuthi kutholwe izihlalo zebandla lakhe uthe umsolwa ubedayisa lezi zihlalo u-R30 sisinye, bese kukhona nabafake ama-oda ukuze abalethele.

Umsolwa kuthiwa ubethi lezi zihlalo uzithatha efemini ePhoenix.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe amaphoyisa avule icala lokugqekeza nokweba.

“Abantu abathenga izimpahla zokwebiwa basuke benze icala njengalo owebile. Laba abatholwe nalezi zimpahla nabo bangase baboshwe,” kusho uZwane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.