UBarbz ufunde lukhulu kuBig Brother

Comment on this story
no barbss . ITHI ibingakaziboni iphuma ohlelweni iBig Brother intokazi yakuleli uBabalwa Mneno ebudume ngelikaBarbz

NOKUBONGWA PHENYANE

YIZE kumangaze abaningi ukuphuma kukaBabalwa Mneno ohlelweni iBig Brother Africa kodwa le ntokazi ithi ifunde okuningi kulolu hlelo.

UBabalwa obaziwa ngoBarbz kulolu hlelo ubebonakala eyintandokazi kwabaningi ikakhulukazi kuleli futhi abanye amathemba abo bebewabeke kuyena ukuthi uzogcina eliphakamisele phezulu ifulegi lakuleli.

Ephawula ngokuphuma kwakhe uBarbz ukubeke kwacaca ukuthi yize ebengakazimiseli ukuphuma kulolu hlelo kodwa kukhona okusha abantu abazokubona kuye okumenze wakhula kakhulu futhi wafunda nakwabanye akade enabo. Yize kunjalo ukubeke kwacaca ukuthi kade esezikhumbulela abangani bakhe.

Le ntokazi ithi inhloso yayo yokungena endlini kaBig Brother kwakuwukubuyisa isithunzi sayo abaningi abesebesikhohliwe.

“Abantu bangazi ngingumuntu ongahlali phansi ojwayele ukubonakala ehambela imicimbi yosaziwayo. Kodwa bengifuna ukukhombisa ukuthi nami ngiyakwazi ukuphila njengomuntu hhayi lo ojwayele ukubonakala ezindaweni zobumnandi,” kusho uBarbz.

Yize le ntokazi ithi imangele ngokuthi umuntu ebimthatha njengomngani wayo endlini akade behlala kuyo e-Upville uGoldie waseNigeria uyena omdayisile njengoba ekhethe ukuthi avotele uPrezzo azifela ngaye.

“Kuningi engikufundile kule ndlu kodwa umuntu obethanda ukunginika inkinga kusuka ngosuku lokuqala singene kule ndlu nguye uPrezzo njengoba njalo bekukhona okubi ngami akubonayo.

Into engingayisho nje ukuthi uPrezzo ubengithanda kodwa kunzima ukungibonisa ngoba ubebona ukuthi isikhathi sakhe bengingenaso,” kusho yena.

Uthe yikho lokhu mhlawumbe okugcine kwenza ukuthi amphilise kanzima.

Uthe ezintweni abesabheke ukuzenza kule ndlu kaBig Brother ukuqhuba ubudlelwane bakhe noKeitha waseGhana njengoba ezifela ngezinsizwa zakuleliya lizwe.

UGoldie ukubeke kwacaca kubantu akade esesele nabo endlini ukuthi kube isinqumo esinzima ukuthi akhethe phakathi kukaBarbz noPrezzo.

Uthe kube khona la naye ake adideka khona ukuthi ubani okumele amkhiphe phakathi kwalaba bobabili njengoba kade ebakhonzile bonke nokumenze wakhetha uPrezzo.

Njengamanje kulolu hlelo bangu-14 abantu abasele, iNingizimu Afrika ithemba layo lonke selisensizweni yaseKapa uKeagan.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.