Gallo Images
NGOKUBONA kukaClive Barker uPitso Mosimane bekufanele kube nguye oya ku-Afcon |e-Equatorial Gunia naseGabon esikhundleni sekomiti leSafa elibukeka liyongcebeleka. Isithombe: GALLO IMAGES
ISOLA iSouth African Football Association (Safa) ngokuzibeka phambili kunamaqembu esizwe inkakha yomqeqeshi uClive ‘The Dog’ Barker ozifake emlandweni webhola lakuleli ngokudla isicoco se-Africa Cup of Nations neBafana Bafana ngo-1996.
UBarker, angangatshazwa amava akhe okuqeqesha, uthe usadidekile namanje ukuthi kungani iSafa iqome ukutetemukisa izikhulu zayo eziphezulu ezilishumi e-Equatorial Guinea naseGabon lapho kuqhubeka khona i-Afcon ka-28.
“Ngifisa sengathi kungakhona ongake angikhanyisele ukuthi empeleni kungani iSafa ithumele izikhulu zayo ukuba ziyofunda ngokusingathwa kwe-Afcon. INingizimu Afrika ayinankinga ngokusingatha kanti futhi asixakiwe nawudlame okuyinkinga etholakala kwamanye amazwe ase-Afrika. Sisanda kwengamela ngempumelelo ingqophamlando yendumezulu yomqhudelwano webhola iNdebe yoMhlaba. Asibanga nenkinga yokuphatha abantu kodwa saba nenkinga siphuma ekuseni kulo mqhudelwano okuyilona iva okumele silibangule ngonyaka ozayo,” kusho uBarker.
Ngokombiko weSafa uKirsten Nematandani nephini lakhe uMandla ‘Shoes’ Mazibuko bamatasa ‘bacobelela’ ulwazi namasiko ahambisana nokusingatha i-Afcon e-Equatorial Guinea naseGabon.
Kuleli thimba kuboshelwe amalungu alishumi esigungu esiphezulu seSafa kanti akukaze kuvezwe gama lamuntu osebenzisana ngokusondelana nethimba labaqeqeshi beBafana ukuthi naye uyingxenye yalo.
Lokho ngenye into ekhalisa uBarker othe ukube yena ubenezwi kulolu daba ubezothi okungenani akuthunywe uPitso ‘Jingles’ Mosimane nethimba lakhe ukuba bayobuka izinga lebhola lamazwe abazobhekana nawo kuleli kwi-Afcon ngonyaka ozayo.
“Ngempela angazi ukuthi kuzosisizaphi ukuthuthukisa ulwazi lokusingatha. Okungenani ngabe kuhambe abaqeqeshi bamaqembu esizwe AmaGlug Glug, Bafana njalo njalo ukuze siqinisekise ukuthi senza kahle uma sesidlala kulo mqhudelwano ngonyaka ozayo. Sibhekene naleyo nselelo,” kusho oBarker.
Lo mqeqeshi ukhuluma ngento ayaziyo kwazise nguye owayephethe izintambo zokuqeqesha ngesikhathi elakuleli liqala ngqa ukusingatha umqhudelwano webhola omkhulu i-Afcon ngo-1996.
UBarker uthiphe iGhana (Black Stars) ezobhekana neTunisia kuma-quarter final azoqalwa yiZambia neSudan eBata ngoMgqibelo ngo-5 ntambama. I-Ivory Coast izobhekana ne-Equatorial Guinea kanti iGabon izobhekana neGuinea.
|
|
Services
Comment Guidelines