FANELESIBONGE BENGU
U MA uzokhumbula kahle uDr Malinga uqale ukugqama ngezingoma zabanye abantu ayepikwe kuzo ezazishisa izikhotha.
Phakathi kwazo kubalwa ethi I’m a Father to Be yeBlack Motion, Via Orlando kaVetkuk vs Mahoota nezinye. Ukupikwa kwakhe kumenze waqashwa ubuthaphuthaphu ezindaweni ezahlukene futhi uma esesiteji uchaza abantu ngemidanso yakhe ayishaya aze alahle umlenze.
Ngo-2014 ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ethi First Injection eyayinengoma ethi Oteng nengenzanga kahle ezitolo. Muva nje lo mculi ukhiphe ingoma entsha ethi Sengizwile.
“Ingoma ikhuluma ngomuntu ogangelwa yintombi yakhe. Ishintsha izimoto yenza sengathi iwumakhenikha kanti ezamadoda. Isifundo esitholakala kuyo wukuthi uma intombi ingakufuni, phuma kuyo. Kufana nesilonda uma sihlupha ngeke siphole kungcono uphume kuso. Nomuntu uma elokhu ekugangela ungachithi iminyaka engu-10 uzama ukumshintsha, phuma kuye uzothola omunye,” kusho uDr Malinga.
Uthe uyibhale ngezimo ake adlula kuzo phambilini.
Lena yingoma yakhe yokuqala ngaphansi kwenkampani yakhe iLingas Entertainment njengoba sewashiya eKalawa Jazmee. Ugcizelele ukuthi yena neKalawa abaxabene futhi basaqhubeka nokusebenzisana.
Lo mculi uthe le ngoma izotholakala ku-albhamu azozama konke okusemandleni akhe ukuthi ayiqede bese eyikhipha ngaphambi kokuphela konyaka.
“Ngale ngoma abantu bazojaiva kakhulu. UDr Malinga uyazi ukuthi abantu bafunani yingakho ngihlale nginezingoma ezishisa izikhotha zikhathi zonke. Uma sengenza i-albhamu ngizoyenza ishaye ngesigqi se-house bese ngifaka ne-Afro jazz. Ngifuna ukusebenza nabadidiyeli abasafufusa ukuze bezoqhamuka nento entsha bese iphusheka kahle hhayi njengedlule. Abantu bayayithanda into entsha futhi okuhle wukuthi ngizobe ngengamele yonke into. Kwezipholile ngifuna uRobbie Malinga noChicco Twala neLadysmith Black Mambazo,” kusho uDr Malinga.
Uthe: “Ngifuna ukuya eThekwini nami ngonyaka ozayo sengiyowola izindondo.”
Ngaphandle komculo uDr Malinga ubuye abe ngumlingisi.
Uthe kulezi zinsuku umatasatasa uqopha isizini entsha yomdlalo wamahlaya wakuSABC 2, iGauteng Maboneng. Udlala indawo kaLebo. Uthe uzobonakala ngasekupheleni konyaka.
UDr Malinga uphethe ngokuthi abaculi abasafufusa kumele bangakhohlwa lapho bephuma khona. Ngonyaka odlule kubikwe ukuthi uthenge ngokheshi umuzi obiza ngaphezulu kukaR3 million eZambezi Country Estate, ePitoli.
“Abayeke ukuphapha basebenzele ekhaya. Balokhu bethenga izinto ezingaphezu kwamandla abo ngoba befuna ukubukwa. Nathi siyazithanda lezo zinto kodwa amandla awekho,” kusho uMalinga.
Uthe into emgqugquzelayo wukuzitshela ukuthi akekho omhlulayo ngomsebenzi wakhe kodwa engazikhukhumezi. Uthe ukholelwa kakhulu kuNkulunkulu.