Advertisement
X

UBig Pun ubuyele ku-East Coast Radio

USEBUYELE emsakazweni aqala kuwona uPhumlani ‘Big Pun’ Dube, owazakhela udumo ngokwethula ezemidlalo kuKhozi FM nakwiGagasi FM.

UPhumlani usebuyele kwi-East Coast Radio nokuyilapho aqala khona ukusakaza.

USEBUYELE ku-East Coast uPhumlani Dube, owake wasakaza kuKhozi FM nakuGagasi FM. Credit: Group

Usengumdidiyeli wohlelo lwezingxoxo olungena ngo-9 luphele ngo-11 ebusuku, olushayelwa nguNdumiso Ngcobo, oluthi Ndumiso @ 9.

Phambilini lolu hlelo beludidiyelwa nguCarol Zungu, naye oke waba kwiGagasi FM.

Lolu hlelo lubuye lube sematheni ngokumema abantu abangondabuzekwayo kuphinde kudingidwe izihloko ezisusa inkulumo mpikiswano evuthayo.

Ethintwa ngalezi zindaba uPhumlani uthe usenqume ukuthi akaphawuli kwabezindaba ngempilo yakhe.

“Ngiyaxolisa (ebiza igama lale ntatheli) ngeke ngikwazi ukuphawula,” kusho uPhumlani ngamafuphi.

Ibhuntshile nemizamo yokuthola umphathi wezinhlelo kulo msakazo.

Ubuyela emsakazweni nje, kuke kwaba nemibiko yokuthi izinto kazihambi kahle empilweni ngemuva kokukhonjwa indlela kwa-SABC, ephethe Ukhozi.

UPhumlani uphinde wabhekana nengalo yomthetho ngezinsolo zokudlwengula okwakuthiwa wayeyintombi yakhe kanti lahoxiswa elokuphuza utshwala esigangeni nalapho kwabikwa khona ukuthi waxakazisana namaphoyisa.

Uphinde wazakhela udumo ngokungesabi ukuphawula ngakholelwa kukho.

Kunesikhathi lapho ake ahlasela khona izintatheli, wangagcina lapho, uthe esehamba kwiGagasi FM washiya angalazi, ngesikhathi kunezinkinga zokukhokheleka kwabasebenzi bezemidlalo kwa-SABC waphumela obala eveza ilaka lwakhe.

SHOW ALL
Advertisement