Ubiliswe ngamafutha ngumakhelwane

Comment on this story
no ushile2 INLSA UMNUZ JOHN Mokopane wase Richmond farm ushiswe umakhelwane wakhe ngamafutha abilayo ngoba ethi uthathe ingane yakhe wahamba nayo ngaphandle kwemvume. ISITHOMBE: NQOBILE MBONAMBI

LUNGI LANGA

USINDE kukubi owesilisa waseRichmond Farm okuthiwa ushiswe ngamafutha abilayo ngumakhelwane wakhe ngoba emsola ngokuthi uthathe ingane yakhe ngaphandle kokumazisa.

UMnuz John Mokopane (51) uthi akasalali yizinhlungu zokusha emuva kokushiswa ngamafutha abilayo ngumakhelwane wakhe ngoba ethi uthathe ingane yakhe ena-14 wahamba nayo eyogunda utshani engamtshelanga. Lesi sigameko senzeke emasontweni amabili edlule.

“Ingane kamakhelwane yangilandela ngiya kogunda utshani nezinye izingane. Ngazama ukuyitshela ukuthi ayiphinde ekhaya kodwa yaqhubeka yangilandela,” kusho uMokopane.

Uthe unina wengane, uNksz Sibongile Duma (43), ufonile wamthethisa, wamthuka, wathi wenziwa yini athathe ingane yakhe ahambe nayo engamtshelanga.

“Ngabona ukuthi kungcono ngiyoxolisa ngoba ngangibona ukuthi ngimonile. Ngithe uma ngifika endlini yakhe wangibuza ukuthi ngimfunani, esho engibiza ngekwerekwere. Wangitshela ukuthi uzongibonisa abantu ngoba angibazi,” kuchaza uMokopane.

no ushile1 UMNUZ John Mokopane waseRichmond Farm okuthiwa ushiswe ngumakhelwane wakhe ngamafutha abilayo ngoba ethi uthathe ingane yakhe wahamba nayo ngaphandle kwemvume. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI INLSA

Uthe wezwa igazi limshiya wasukuma kanti yilapho uNksz Duma esezomthela khona ngamafutha abilayo ayesebhodweni.

Umshise kusuka endlebeni yesokudla, kuya engalweni nasemzimbeni.

Ethintwa uNksz Duma ucingo lwakhe lubanjwe ngomunye othe usasemsebenzini akabuye afonelwe.

Ephinda ethintwa ucingo lubanjwe nguye wathi ucela ukuchazelwa kuqala ngalolu daba anduba aphendule. Ucingo ube eseluvala. Ephinda ethintwa ucingo lwakhe lubanjwe nguNksz Thandiwe Mthembu othe ungumngane wakhe. Uthe umngane wakhe akakwazi ukukhuluma ngoba lolu daba luphenywa ngamaphoyisa. Uthe umngane wakhe wayengaqondile ukushisa uMokopane kodwa wayedinwe kakhulu wahluleka wukuzibamba.

“Akazange abilise amafutha ngenhloso yokushisa lo bhuti kodwa wayelungiselela ukupheka isidlo sakusihlwa ezothosa inkukhu ngamafutha. Umngani wami uhlala yedwa manje uma kufika umuntu wesilisa endlini eyedwa wayengeke angethuki. Futhi wayediniwe ngoba izingane zakhe zihlala zodwa emini le ndoda yahamba nalena ezigadayo,” kusho uNksz Mthembu.

Omakhelwane balaba bobabili abacele ukuba amagama abo agodlwe bathe sibathusile lesi sigameko.

Omunye uthe bezwa uNksz Duma ethi uzomshaya uMokopane kodwa bebengazitsheli ukuthi uzombilisa ngamafutha.

Uthe umakhelwane wabo usebaxakile nabo ngoba ingane yakhe yashisa enye ingane ngesipanji esivuthayo wangayinaka leyo nto wagcina ngokuthi uzokhokha. Namanje kuthiwa yena nesoka lakhe batshele uMokopane ukuthi bazomnika isinxephezelo ngokusha kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa, uCol Jay Naicker, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala. Kuthiwa uNksz Duma uvele enkantolo yeMantshi eNtuzuma ngoFebhuwari 20, uzophinde avele ngoMashi.

Ungaphandle ngebheyili ka-R1 000.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.