ISIKHULU seKaizer Chiefs uBobby Motaung asikaliphonsi ithawula ngeseNedbank Cup ne-Absa Premiership.
Lesi khulu sivumile ukuthi izinto bezingahambi kahle ngesikhathi kuqala isizini kodwa sathi kusukela manje kuya phambi kuyethembisa kakhulu. Uthe uyalethemba iqembu lakhe ukuthi kukhona elisengakuzuza kule sizini.
“Kusenezindebe ezisele, iNedbank Cup nesicoco seligi. Leli zindebe sizazozilwela. Iqembu belidlala kahle kodwa kungekho imiphumela. Nokho kubukeka sengathi lokho kushintshile ngaphambi kokuthi sivale. Lokho kusikhuthazile njengeqembu. Kufanele siyibambe kanjena ukusuka lapha kuya phambili,” kusho uMotaung.
Uthe ngokubona kwakhe iNedbank nesicoco seligi kusengathathwa yinoma yiliphi iqembu kulawa aphezulu, kanti neChiefs inalo ithuba.
“Kusekude phambili. Iligi isengathathwa noma ngabe ubani phakathi kwethu namanye amaqembu esinawo kwawokuqala amahlanu. Thina sisele ngephuzu elilodwa emaqenjini azihola phambili kuPremiership, lokho kusho ukuthi noma ngabe ubani angayinqoba,” kusho uMotaung.
Mayelana nomdlali olahleke esikhumulweni sezindiza u-Ismael Toure kufanele abuyele emuva e-Ivory Coast uMotaung uzwakalise ukunengeka. Lo mdlali ukhonjwa kuMamelodi Sundowns engompetha base-Afrika kulandela ukunqoba iCaf Champions League ngonyaka odlule.
“Lokhu kukhombise ukuthi akavuthiwe ngokomqondo lo mdlali. Nalona omthathe esikhumulweni sezindiza uyefana nse naye. Kodwa asikhali ngoba usengumdlali weqembu lase-Ivory Coast. Ulahlekile esikhumulweni sezindiza. Besingakulindele lokhu ukuthi kungenzeka. Yena nalo omthathile babe budedengu kakhulu,” kusho uMotaung.
Lesi sikhulu sisamile ekuthini lo mdlalo ubengalona uhlobo lomdlali abebelufuna ngoba bona bebefuna umdlali ozodlala emuva maphakathi. Lo mdlali ubehlolwa kuleli qembu laseNaturena.
“Uhlulekile ukwenza ebesikulindele kuyena ngesikhathi simhlola futhi akayena umdlali ebesimfuna. Sizinikile ithuba lokumhlala kodwa sabona ukuthi akukho angasisiza ngakho kulokho ebesikufuna kuyena,” kuphetha uMotaung.
IChiefs izobuyela enkundleni ngokubhekana neFree State Stars emdlalweni wePremiership ngoFebhuwari 7, eFNB Stadium, eSoweto.