UBobe akayingeni indaba yokushiya iBlack Leopards

Comment on this story
no boobss . UMONGEZI Bobe weBlack Leopards (kwesokunxele) ebanga ibhola noSiyabulela Songwiqi weSantos emdlalweni we-Absa Premiership

MTHOKOZISI MNCUSENI

UHLELA ukugugela kuBlack Leopards ukaputeni wayo uMongezi Bobe osehole leli qembu njengesibani elisusa kuNational First Division (NFD) waze walifaka lapho kunoju khona ku-Absa Premiership.

Lokhu kushiwo nguyena lo mdlali obegqame cishe ukubedlula bonke kuLeopards kumasizini amabili edlule. Lokhu sekwenze amaqembu e-PSL amzingela uthuli lo kaputeni okwazi ukuqhamuka kuyona yonke inkundla uma edlala. UBobe ufunwa yiMoroka Swallows nePlatinum Stars.

UBobe (31) uthe akayena umuntu obakhohlwayo abamenzela okuhle okwenza angaziboni eshiya kuLeopards emcoshe elaxaziswe okwenyongo yenyathi yiMpumalanga Black Aces ngo-2008.

“Kuyangikhuthaza ukunconywa engikuthola kubalandeli nakubadlali bakwamanye amaqembu. Engikwenzayo ngikubona kuyindlela ekahle yokukhokhela usihlalo weLeopards (uDavid Thidiela) onginike umsebenzi ngingenalutho. Angiyi ndawo,” kusho uBobe.

“Ngiyazi ukuthi akhona amaqembu afaka izicelo ngami kodwa yimina engiyalela abaphathi bami ukuthi bangalaleli lutho ngoba nginesifiso sokugugela kuLidoda Duvha.”

UBobe usenenkontileka yonyaka owodwa ekuleli qembu futhi uyafunga ukuthi uzophinde ayivuselele.

Lo mdlali uveze nokuthi uhlela ukuhlala phansi noThidiela baxoxe ngekusasa lakhe uma esewabeke ethala amakhokho.

“Nginesiqiniseko sokuthi ngeke abe nenkinga usihlalo uma ngimcela ukuba angiphendlele isikhundla eqenjini uma izinsuku zami zokugijima enkundleni seziphelile njengoba sekusondele.”

ILeopards izobhekana ne-Al Merreikh yaseSudan ku-Last 16 yeConfederations ngoJuni 29.

Ebuzwa ngesimo esifana nesangonyaka odlule abazithola bekusona lapho kufanele balinqamule phakathi ikhefu labo ukuze bezoqala amalungiselelo eConfederations Cup, uthe izinto zihlukile kulokhu.

Ngalesi sikhathi ngesizini edlule iLeopards ibidlala eyama-Play Offs abezocacisa ngeqembu elizokhushulelwa esigabeni esikhulu okwenze yaba nesikhathi esincane ukuzilungiselela ukudlala kuPremiership okubonakale ngokuthi iphunyuke sekuvalwe amehlo ezembeni kule sizini esanda kusongwa.

“Asikhathazekile neze. Iqiniso wukuthi siyakujabulela ukuhamba ibanga kuConfederations Cup ngoba lokhu kuqinisa abadlali bethu ukhakhayi. Ukube kuya ngabadlali ngabe bavale isonto elilodwa okuyizinkomba zokuthi bazimisele kangakanani ngalo mqhudelwano. Ngesizini ezayo sizobe siyiqembu eliqine kakhulu kunaleli ebesiyilona kule edlule ngenxa yokudlala kuConfederations Cup,” kusonga lo mdlali osaphumule nomndeni wakhe eRandfontein, eGoli.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.