ISIHLABANI somculo kamaskandi, uBoneni Magubane, siphuthunyiswe esibhedlela saseVosloorus eGoli, iNew Natalspruit ngoLwesine, sixinwe kabi wushukela.
Ngokusho komthombo osondelene nalo mculi, uBoneni uvuke kwakhe ngalolu suku elula futhi ezizwa enesiyezi.
“Kuthe uma kubonakala ukuthi ukugula kuyamqinisa, wathathwa wayiswa emtholampilo oseduzane iRonderbuilt. Abahlengikazi bazamile ukumelapha kodwa kwacaca emini ukuthi ayingangabo njengoba begcine sebembizela i-ambulensi, okuyiyo emphuthumise kulesi sibhedlela,” kuchaza lo mthombo.
Uqhuba uthe imbangela yokugula kwalo mculi wodumo lwengoma ethi Sebeyajola nethi Bayigqoze Le, wukusebenza angaphumuli ekubeni enoshukela.
“Kulezi zinsuku uyehla uyenyuka, akanasinqe ngenxa yokuxinwa yilo msebenzi wokucula. Kulo nyaka ufike wamatasatasa elungiselela ukucula kuMantshontsho Kamaskandi Awards e-ICC eThekwini, kwaba ngamaMaz Ambassadors Awards ePlayhouse Opera Theatre eThekwini, ngamaSatma Awards Launch eFreedom Park ePitoli, iMpucuzeko Maskandi Festival eMoses Mabhida Stadium eThekwini nomcimbi wakamuva wokukhumbula uPhuzushukela eNkandla. Uthe ebuya lapho wayelungiselela umcimbi kamaskandi osePomeroy eMsinga ngalo Mgqibelo. Angisayiphathi imicinjana emincane abenandisa kuyo nokushutha kwakhe i-video yale ngoma ethi Ithonga Lami o kuyinto abeyenza kwaMaphumulo naseThekwini.”
Ethintwa uBoneni uvumile ukuthi usesibhedlela kodwa wenqaba ukusho ukuthi sesinjani isimo.
“Okwamanje odokotela basashintshana ngami kanti amazinga kashukela ayaguquguquka, uyehla, ubuye wenyuke.”
Uhlaselwa wushukela nje, kade ebuya kumdlavuza ocishe wathatha impilo yakhe kanti eminyakeni eyedlule uke wagingqika nemoto.
UBoneni wazakhela ugazi ngokuqumba phansi uZahara noCandy Tsamandebele kumunxa weBest Female Artist kumaSatma Awards, waphinde wehlula emnxeni ofanayo uBuselaphi noBonakele kuMantshontsho Kamaskandi Awards nakumaSava Awards ngo-2012.