FANELESIBONGE BENGU

ISIHLABANI somculo wokholo sizobonga impumelelo yaso nabalandeli baso baKwaZulu-Natal ngendumezulu yekhonsathi ezoba seCity Hall ngoJuni 1.

USolly Mahlangu one-albhamu eshisa izikhotha esihloko sithi Mwamba Mwamba egabe ngezingoma ezithandwa yiningi ezithi Obrigado, Wahamba Nathi nezinye, uzohlanganyela nabalandeli bakulesi sifundazwe athi bakhombisa olukhulu uthando emculweni wakhe.

“Angikaze ngenze umcimbi onjena ngaphambilini ngenzela abantu baKwaZulu-Natal. Uma uzobheka abantu bakulesi sifundazwe banginikeza izindondo zamaCrown Awards nyakenye futhi okungijabulisa kakhulu wukuthi imikhakha engangiqokelwe kuyo yayivotelwa,” kusho uMahlangu.

USolly wazitamuzela izindondo ezintathu kumaSABC Crown Gospel Music Awards nyakenye emikhakheni we-Best Gospel Song, Best Artist nowe-Best Male futhi osanda kuhlabana ngeye Best Traditional Faith Music Album kumaMTN South African Music Awards ngenyanga edlule. Uzobe ephelezelwa ngabaculi okubalwa kubo uKholeka, Babo noSgwili, Abanqobi, uMbhishobhi Thanda Zulu noPastor Zondo ozakhele ugazi oKhozini FM ngezinkulumo ezakhayo nongasazwakali ngenxa yezinsongo zokusocongwa azitholayo.

Umhleli walo mcimbi obizwa ngokuthi yiCelebrating The King Of Gospel, uSanelisiwe Mbambo, uthe kuzoqalwa ngo-6 ntambama kanti amathikithi aseyatholakala eComputicket.

“Amithikithi aqala ku-R100, R150 kanti awe-VIP angu-R200. Sixwayisa abantu ukuthi bengezi namathikithi angombombayi ngoba ezokuphepha zizobe ziqinile,” kwexwayisa uSanelisiwe.