Ubonge ithuba lesibili uTina

Comment on this story
no actress . UTINA uthembisa lukhulu kwiRythm City kanti njengoba eza eThekwini ngoMgqibelo ezokwethula i-albhamu yakhe nakhona uthi uzokwenza into yamehlo

SIHLE MKHIZE

USHAYA ibuya emdlalweni owuchungechunge wethelevishini iRhythm City edlala ku-e.tv ngo-6.30 ntambama uTina Mkwaiwa obedlala indawo kaMarang nyakenye.

Le ntokazi ebuye izibize nge-diva emculweni iqale ukuqopha iziqephu zalo mdlalo kusukela emasontweni amabili edlule kanti kulokhu uthi uthemba ukuthi uzozinza kulo mdlalo.

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguPercy Vilakazi ongumxhumanisi weRhythm City nabezindaba othe uzoqala ukubonakala ngoSepthemba 19.

UTina uthi ukubuyiswa kwakhe kukhomba ngokusobala ukuthi iyabonakala into abeyenza kulo mdlalo wabonga nethuba lesibili njengoba ethi akwandele bani.

“Ngijabulile ukuthola leli thuba, bancane abantu abanikezwa ithuba lesibili empilweni. Kukhomba ngokusobala ukuthi ngifike kwezwakala kanti njenge-diva ngithembisa ukwenzela abalandeli bami umsebenzi omuhle,” kusho le ntokazi ngenjabulo.

Yize noma engakuvezanga ukuthi usayine inkontileka yesikhathi esingakanani kodwa uveze ukuthi kulokhu uzohlala futhi unethemba lokuthi kuzovuleka neminye iminyango.

Ujabulela ukubuyela kwithelevishini nje uphinde waveza ukuthi usejahe uMgqibelo okuwusuku azotheleka ngalo eThekwini.

Kulokhu uzobe ese-Afro Lounge kuStamford Hill Road lapho ezobe ethula khona i-albhamu yakhe esanda kuphuma esihloko sithi The Diva Is On Top.

Le albhamu eqoshwe kwiProtina Entertainment (okuyinkampani yakhe nomyeni wakhe uProsper) inezingoma ezingu-14 kanti ixube isigqi sikamaskandi nese-afro soul.

Uthembisa into yamehlo uDiva njengoba ethi uzobe enza ezibukwayo esteji ngomdanso okuyinto athi uzethemba kakhulu kuyona.

Ezinye zalezi ngoma ezikwi-albhamu zibhalwe nguXolani ozakhele udumo ngokubhalela abaculi okubalwa umufi uLebo Mathosa ambhalela ingoma eyayithi Mabhubesi nethi Ngifuna Ukugana.

UProsper oyimenenja yeDiva uthe le albhamu bayenze ngenhloso yokuchoma uphaphe legwalagwala uLebo noma kuthiwa usekobandayo.

Uthi uLebo ubengumgqugquzeli kaDiva emculweni yingakho behlanganise le albhamu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.