UBrickz uxolisa ngenhlamba embi

Comment on this story
NO_brigado0 . UBRICKZ,|ongumculi weKwaito uxolise kubalandeli bakhe izolo ngemuva kokuthukana nomlandeli wakhe enkundleni yokuxhumana uTwitter

NOKUBONGWA PHENYANE noMTHOKOZISI MNCUSENI

UYAZISOLA umculi we-kwaito uSipho “Brickz” Ndlovu ochaphe ngenhlamba umlandeli wakhe enkundleni yokuxhumana uTwitter izolo.

UBrickz owaduma ngezingoma ezithi Tjovitjo nethi Sweety MaBaby, ushiye angalazi echapha ngenhlamba omunye wabalandeli bakhe embiza ngaphansi kweziketi zikanina, esho amagama okunzima ngisho ukuwashicilela.

Ethintwa ngemuva kokususa igidigidi kuTwitter, uBrickz uzwakalise ukuzisola ngokuchapha kwakhe ngenhlamba umlandeli.

Le ngxabano eqale ngemuva kokuthi intokazi ezibiza ngoYandee kule nkundla ithe kulo mculi iyachazeka uma ecula amaculo akhe.

Ngemuva kwesikhashana kube sekuphawula owesilisa ozibiza ngoDezmond-Magz, ozwakalise ukungeneliseki ukuthi lo wesifazane angahlabeka umxhwele yilo mculi wekwaito.

Kube ngukuzithintela kwakhe kuBrickz njengoba eqale wamtshela ukuthi yena uzomthuka ucela ayeke lento ayikhulumayo.

“Ngizomthuka lo, ngicela ungangisukeli,” kusho uBrickz ozibiza ngoBab’ Ndlovu kule nkundla.

Kuqhubekile ukungaboni ngaso linye kulaba bobabili njengoba uBrickz emqale khona ngebhomu lenhlamba waze walekelelwa nangomunye okukholakala ukuthi ungumculi wekwaito ozinze eThekwini.

Lo mlisa ukhombise ukungazinaki izinhlamba zalo mculi njengoba ethe ngeke akwazi ukuphendulana nomculi we-kwaito ongenangqondo.

Abalandeli baBrickz abese bemangele ngokubhadlaza inhlamba kukaBrickz, iningi labo belimnxusa ukuba ehlise umoya anganaki abantu kepha akagxile emsebenzini wakhe wokuqhubeka nokubajabulisa ngomculo wakhe.

Ngokusho kukaBrickz, abantu kumele bakucabange ukuthi yize nabo beyizibonelo kubantu bakuleli kodwa izinto ezifana nalezi nabo ziyabahluthula.

“Ngiyaxolisa kakhulu kubalandeli bami ngingasho nje ukuthi ngihluthukile ngazithola sengithuka inhlamba enkulu. Abantu abaningi bayangazi ukuthi angiyena umuntu okhonze ukukhuluma kakhulu kodwa angithandi ukusukelwa,” kusho uBrickz.

Uthe intsha yakuleli akumele isebenzise lezi zinkundla zokuxhumana ngendlela okungesiyona njengoba kwesinye isikhathi beke bezwe ukuthi khona umculi noma umlingisi oshonile kuqanjwa amanga.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.