‘Ubulawe phambi kwamaphoyisa’

Comment on this story
no killedP4 ISOLEZWE ISIKHULU se-IFP eMphophomeni uSihle Ndlela ukhala ngokubuyisela emuva esikhathini sodlame ukubulawa kwezingane ngamalunga omphakathi. Lapha uhlezi eduze kukaZethembe Dlamini oshaywe kanzima. Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE

NONTUTHUKO NGUBANE

KUPHUME isidumbu phambi kwamaphoyisa emuva kokushaywa komfana obesolwa ngokugwaza eMpophomeni eHowick.

Isimo simuncu kubo ka-Andile Sokhela (18) okuthiwa ushaywe eboshwele esigxotsheni sikagesi, phambi kukanina, yikomidi elilwa nobugebengu endaweni.

Isolezwe lifice omakhelwane beyikhulumela phansi le ndaba ngenxa yokusabela impilo yabo njengoba kuthiwa leli komidi ‘selibaqedile’ abantu abaphikisana nezenzo zalo.

I-video eqoshiwe lapho leli komidi kuthiwa belishaya khona u-Andile, imveza eboshelwe esigxotsheni sikagesi eshaywa ngemvubu, ethelwa nangamanzi.

Emuva kokushaywa base sebemyisa emaphoyiseni.

no killedP5 UFUNA bejeze kanzima ababulale ingane yakhe ngesihluku beyibophele esigxobeni sikagezi umama ka-Andile Sokhela (okushuthekwe umazisi wakhe). Lapha ubexoxa ngetshe alibone kushawa ngalo ingane yakhe. Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE ISOLEZWE

Ozibonele esiteshini samaphoyisa akawuvali umlomo ngesihluku athi besenziwa kumufi.

“Ngesikhathi esendleleni eya esiteshini samaphoyisa ubehambe eshaywa eze ehudulwe phansi.

Sebefikile amaphoyisa afike amhlalisa ebhentshini, uma ewela phansi abekomidi bebemshaya phambi kwamaphoyisa. Abebukela sengathi kudlala ithelevishini,” kusho lo mthombo.

UMnuz Sihle Ndlela oyisikhulu se-IFP kule ndawo utshele Isolezwe ukuthi lesi senzo singumphumela wobudedengu bamaphoyisa futhi singababuyisela esikhathini sakudala sobandlululo.

“Ingane ize yafela khona emaphoyiseni ngoba beyiyekelele kubantu abathi balwisana nobugebengu.

Uma ingane yonile iyashaywa ithethiswe kayibulawa. Amaphoyisa ngiwabizile ngiwatshela ngengane ebulawa yiqulu labantu kodwa adlula ngomgwaqo eduze kwesigameko enza sengathi kawaboni,” kusho uNdlela.

no killedP7 ISIKHULU se-IFP eMphophomeni uSihle Ndlela ukhala ngokubuyisela emuva esikhathini sodlame ukubulawa kwezingane ngamalunga omphakathi.Lopha uhlezi eduze kukaZethembe Dlamini oshaywe kanzima Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE

U-Andile ubesolwa ngokugwaza ilunga lomphakathi ngosuku lukaKhisimuzi.

Umfana wakwamakhelwane uZethembe Dlamini (16) naye ushaywe kanzima esolwa ngesenzo esifanayo.

Umama kaZethembe, uNkk Thokozani Dlamini uthe uyokhohlwa efile ingane ishaywa ithweswa amatshe phambi kwakhe.

“Ngithe ngiyobika ngokushaywa kwengane yami bathi iveni yabo ife isondo ngakho ngeke bekwazi ukungisiza. Isihluku esingaka amaphoyisa asenze kimi angikwazi nokusichaza,” kusho uNkk Dlamini.

Umama ka-Andile uNkk Thoko Ngubane utshele Isolezwe ukuthi amaphoyisa afike esethi useshonile umfana wakhe.

“Angikholwanga uma ngimfica ehlezi ebhentshini esiteshini samaphoyisa. Impela leli komidi lingababulali, sebengaze beshaye ingane yami ize ife ekubeni iliphika necala abalibeke yena.

Kubuhlungu, lokhu kwenziwa ngabantu ekumele besivikele. Ngifuna baboshwe impela nje,” kusho uNkk Ngubane.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain uThulani Zwane uvumile ukuthi u-Andile ushone esesiteshini samaphoyisa.

“Umfana ushonele esiteshini samaphoyisa ngesikhathi elinde abosizo oluphuthumayo.

Ulethwe esiteshini ngamalunga omphakathi.

Icala lokubulala liphenywa ngamaphoyisa kanti sekuboshwe ababili ngalesi sigameko,” kusho uZwane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.