Advertisement
X

‘Ubulawe phambi kwamaphoyisa’

KUPHUME isidumbu phambi kwamaphoyisa emuva kokushaywa komfana obesolwa ngokugwaza eMpophomeni eHowick.

Isimo simuncu kubo ka-Andile Sokhela (18) okuthiwa ushaywe eboshwele esigxotsheni sikagesi, phambi kukanina, yikomidi elilwa nobugebengu endaweni.

ISIKHULU se-IFP eMphophomeni uSihle Ndlela ukhala ngokubuyisela emuva esikhathini sodlame ukubulawa kwezingane ngamalunga omphakathi. Lapha uhlezi eduze kukaZethembe Dlamini oshaywe kanzima. Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE. Credit: ISOLEZWE

Isolezwe lifice omakhelwane beyikhulumela phansi le ndaba ngenxa yokusabela impilo yabo njengoba kuthiwa leli komidi ‘selibaqedile’ abantu abaphikisana nezenzo zalo.

I-video eqoshiwe lapho leli komidi kuthiwa belishaya khona u-Andile, imveza eboshelwe esigxotsheni sikagesi eshaywa ngemvubu, ethelwa nangamanzi.

Emuva kokushaywa base sebemyisa emaphoyiseni.

Ozibonele esiteshini samaphoyisa akawuvali umlomo ngesihluku athi besenziwa kumufi.

“Ngesikhathi esendleleni eya esiteshini samaphoyisa ubehambe eshaywa eze ehudulwe phansi.

Sebefikile amaphoyisa afike amhlalisa ebhentshini, uma ewela phansi abekomidi bebemshaya phambi kwamaphoyisa. Abebukela sengathi kudlala ithelevishini,” kusho lo mthombo.

UMnuz Sihle Ndlela oyisikhulu se-IFP kule ndawo utshele Isolezwe ukuthi lesi senzo singumphumela wobudedengu bamaphoyisa futhi singababuyisela esikhathini sakudala sobandlululo.

“Ingane ize yafela khona emaphoyiseni ngoba beyiyekelele kubantu abathi balwisana nobugebengu.

Uma ingane yonile iyashaywa ithethiswe kayibulawa. Amaphoyisa ngiwabizile ngiwatshela ngengane ebulawa yiqulu labantu kodwa adlula ngomgwaqo eduze kwesigameko enza sengathi kawaboni,” kusho uNdlela.

U-Andile ubesolwa ngokugwaza ilunga lomphakathi ngosuku lukaKhisimuzi.

Umfana wakwamakhelwane uZethembe Dlamini (16) naye ushaywe kanzima esolwa ngesenzo esifanayo.

Umama kaZethembe, uNkk Thokozani Dlamini uthe uyokhohlwa efile ingane ishaywa ithweswa amatshe phambi kwakhe.

“Ngithe ngiyobika ngokushaywa kwengane yami bathi iveni yabo ife isondo ngakho ngeke bekwazi ukungisiza. Isihluku esingaka amaphoyisa asenze kimi angikwazi nokusichaza,” kusho uNkk Dlamini.

Umama ka-Andile uNkk Thoko Ngubane utshele Isolezwe ukuthi amaphoyisa afike esethi useshonile umfana wakhe.

“Angikholwanga uma ngimfica ehlezi ebhentshini esiteshini samaphoyisa. Impela leli komidi lingababulali, sebengaze beshaye ingane yami ize ife ekubeni iliphika necala abalibeke yena.

Kubuhlungu, lokhu kwenziwa ngabantu ekumele besivikele. Ngifuna baboshwe impela nje,” kusho uNkk Ngubane.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain uThulani Zwane uvumile ukuthi u-Andile ushone esesiteshini samaphoyisa.

“Umfana ushonele esiteshini samaphoyisa ngesikhathi elinde abosizo oluphuthumayo.

Ulethwe esiteshini ngamalunga omphakathi.

Icala lokubulala liphenywa ngamaphoyisa kanti sekuboshwe ababili ngalesi sigameko,” kusho uZwane.

SHOW ALL
Advertisement