Ubulawelwe u-R500 we-Matric Dance

Comment on this story
no gagasini1.jpg . UMPENDULO Mzulwini oshonele esibhedlela emuva kokugwazwa ngumfana owayemkhuthuza esikoleni ngoLwesihlanu

MBALI KHANYILE

UKHALA ngobudedengu bothisha baseGagasini High umndeni womfundi obenza uMatric oshone emuva kokugwazwa esikoleni ngumfana ongasafundi kulesi sikole ngoLwesihlanu kubangwa imali.

Umndeni kaMpendulo Mzulwini (19) waseMangamazini ngaseFolweni, obulawelwe ukunqaba no-R500 wokukhokhela i-Matric Dance anqaba ukukhuthuzwa wona, uthi yize ungeke ulithwese muntu ijoka lokufa kwengane yawo kodwa unemibuzo ofisa ukuthi iphenduleke kube iyona ezocacisa ngokushona kwendodana yawo.

UMnuz Gcina Mzulwini onguyise kamufi nobekhathazekile ngesikhathi ekhuluma, uthe namanje kuyamdida ukuthi ungene kanjani umfana okuthiwa akasafundi kulesi sikole ekubeni kunonogada kulesi sikole.

“Ngeke ngigxeke muntu ngento engehlele kodwa engifisa ukuphenduleka kukho ukuthi bangene kanjani laba bafana abangafundi kulesi sikole nale mmese okuthiwa bebeyiphethe kube kunonogada. Okubuhlungu kakhulu nje ukuthi bese ngiyibona indlela eya empumelelweni ngendodana yami ebekungeyokuqala njengoba ibisiqeda uGrade 12 kulo nyaka,” kuzikhalela uMzulwini.

UMnuz Bheki Ntuli onguMqondisi kwiCircuit yaseMlazi, eMaweleni nobehambele lo mndeni nothisha baseGagasini ngenhloso yokuyodlulisa amazwi okududuza, uqinisekise ukuthi uMnyango wezeMfundo uzokwenza ngokusemandleni ekutheni uzame ukuvimba le nkinga yokungaphephi kwabafundi.

no gagasini3.jpg LONA ngomunye wabafundi ababekhuthuzwa kule ndawo ami kuyo nokwagwazelwa kuyo uMpendulo Mzulwini oshone ngoMgqibelo. Izithombe: MBALI KHANYILE .

Omunye wabafundi ababekhona ngesikhathi kukhuthuzwa uMpendulo uthe kwayena usezizwa engaphephile njengoba lo mfana owagwaza umufi ehamba ethi uzoqeda nangaye uma beke bahlangana.

“Angisazizwa ngiphephile nhlobo njengoba lo mfana obulale uMpendulo ehamba etshela abantu ukuthi nami ngiyalandela. Angazi noma usefuna ukuqeda ubufakazi yini ngokubulala nami, sengihlezi ngithuka ubala uma ngabe kunomuntu ohamba emuva kwami,” kusho lo mfundi.

UNgqongqoshe wezeMfundo Kwa-Zulu Natal, uMnuz Senzo Mchunu, esitatimendeni asithumele, uthe uMnyango uphezu kwezinhlelo zokulwa nobugebengu ezikoleni ukuze abafundi bazizwe bephephe ngokwanele ezikoleni.

“Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi nawo abambe iqhaza ekunqandeni le nkinga yokuzitanasela kwezigilamkhuba ezikoleni,” kubeka uMchunu.

UCaptain Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa esifundazwe, uthe kuvulwe icala lokubulala kanti amaphoyisa aphansi phezulu nophenyo njengoba kungakaboshwa muntu osolwa ngokuthinteka kulona.

UMpendulo oshonele esibhedlela iMedical Towers ngoMgqibelo ntambama ungeniswe kulesi sibhedlela ngoLwesihlanu emuva kokunqaba ukukhipha imali engango-R500 abeyoyikhokha njengoba kune-Matric Dance ngo-Agasti 17 kulesi sikole.

Eminye imibiko iveza ukuthi umsolwa ungumngani nabafundi ababili abenza uGrade 8 no-9 abahlangene neqembu labafana abangafundi eGagasini ngenhloso yokukhuthuza abafundi bakulesi sikole.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.