Ubumnandi be-jazz ngoNcibijane

NO AWARDS13 INDEPENDENT NEWSPAPERS Iqembu lomculo kamaskandi iShabalala Rythm elizodlala kwiNanda Dam Jazz Picnic. Isithombe: Sbusiso Ndlovu

THOKOZANI NDLOVU

KUZOQOPHEKA umlando iqembu likamaskandi iShabalala Rhythm lidlala liphelezelwa ngezinsimbi zomculo we-jazz kwiNanda Dam Jazz Picnic ngoNcibijane.

Lo mcimbi ovumela abathandi be-jazz ukuthi beze nemindeni yabo uku-zozithokozisa ngomculo, kuzobe kungokwesibili uba khona eNanda Dam.

Kubaculi abazobe benandisa kuboshelwe oSiphokazi, Xoliswa Dlamini, Joe Nina, Factors, Sam Sam Manjeya, Nomalanga Hlubi, Nonhlanhla Wanda noBongani Nkwanyana osebenze kakhulu nowayeyinkakha kweze-jazz uSipho Gumede ongasekho.

UDJ Nka uyobe ejuxuzisa abathandi bobumnandi.

Abeze kulo mcimbi bavumelekile ukuza nama-braai stand nama-camp chair.

Amathikithi abiza u-R80 eComputicket, abe wu-R100 esangweni. AwamaVIP abiza u-R200. Izingane ezineminyaka engu-12 kuya phansi zingena mahhala.

Umgqugquzeli walo mcimbi uDoctor Ngoyo uthe balindele bonke abathandi be-jazz baKwaZulu-Natal nabakhele iTheku namaphethelo bazozipholela ngalolu suku lokuqala konyaka.

“Wonke umuntu wamukelekile. Ezokuphepha zizobe ziqinile njengoba kukhona onogada bezinkampani ezizimele kanye namaphoyisa azobe eqaphile. Abangayazi indlela bakhululeke njengoba kuzobe kufakwe amabhodi ayalela lapho kuyiwa khona,” kusho uNgoyo.

Umcimbi uyoqala ekuseni kanti umphathi wohlelo kuyobe kunguMandla Mdletshe ongumsakazi woKhozi FM.


sign up