Advertisement
X

Ubumnandi bubuzwa kwaMax naseYadini kule mpelasonto

KUZOGUGA iphakethe kubathandi bobumnandi kulo nyaka njengoba ephezulu amanani okungena emicimbini ehambisana nomjaho i-Vodacom Durban July.

Abantu abajwayele ukungena ngo-R50 eMax’s Lifestyle, eMlazi, kuzomele bakhohlwe kulokhu njengoba indawo ehlala izicukuthwane esesitezi izobe ibiza u-R800, ingxenye ephansi ibize u-R300, bese kuthi indawo eba nesiteji esemgwaqweni izobiza uR-100.

U-Oskido uzobe edlala eYadini eMlazi ngoMgqibelo ehambisana neKalawa noDJ baseThekwini. Isithombe: Paballo Thekiso. Credit: Paballo Thekiso

Ethintwa uMax Mqadi ongumnikazi wale ndawo ngalamanani amba eqolo uthe, ayikho into ehlukile ngawo.

“Amanani ezinto ayashintsha uma kunemicimbi efuze le eyeVodacom Durban July, izivakashi zisuke zikhona zizimisele ngokuchitha imali. Ngikhuluma nawe nje i-SABC 2 seyiwathengile amathikithi ezicukuthwane angu-200. Le ndawo yomtakabani ihlala abantu abangu-450, baningi abasaqhube-ka nokuwathenga,” kusho uMax egcizelela ekutheni lo R800 awuyilutho uma ufuna ukujabula.

Uthe iqiniso ukuthi uma uqhamuka nenani uyabheka ukuthi abantu bayifuna kangakanani leyonto, nawe besewubiza ngakho ukuthi into idingeka kangakanani.

UMax uthe yisikhathi sokwenza imali lesi kubantu abahlala ngaseMax’s Lifestyle.

“Abantu abangene emgwaqweni balawule isiminyaminya, omakhelwane bapakise izimoto nokunye abangakwenza ukuze bathole imali,” kusho uMax.

Uthe ngeSonto kwaMax kuzobe kunandisa uBlackcoffee, MiCasa, Pro, Tira, Sphectacula, Naves, Big NUZ, Vuuh, Manace, Riot noBongz.

Eceleni kwakwaMax zizobe ziwa nakhona eYadini, khona kuzobe kuboshelwe abaculi baseKalawa Jazzmee.

UJabulani ‘Mjay’ Zama waseYadini uthe yena uzokuba nomcimbi omkhulu ngoMgqibelo ngoJulayi 7. “Kuzongenwa ngo-R50 kuthi izicukuthwane zingene ngo-R100,” kusho uMjay.

Uthe kuzokuba khona bonke abaculi baseKalawa okubalwa uProfessor, Oskido, Dr Malinga, Bobsta, Vetkoek vs Mahoota nabanye.

Uphethe ngokuthi abantu abeze eYadini ngoLwesihlanu kuzoba nePre-Party ehambisana noDJ abaphezulu okungabalwa kubona u-Euphonik, Merlon, Feel the Music nabanye.

SHOW ALL
Advertisement