Ubumnandi buzobuzwa KwaShembe

Comment on this story
NO_no DJ Deep0 . UDJ Deep uthi ukuhambela izindawo ezahlukene yikho okwenze ukuthi efikelwe wumqondo wokuvula indawo yokuxujuza njalo ngoMsombuluko KwaMashu edume ngokuthi yiKwaShembe

FANELESIBONGE BENGU

ILOKISHI laseThekwini, KwaMashu selisike iphethini kwezinye izifundazwe ngokuvula indawo okuzojuxuzwa kuyo njalo ngoMsombuluko.

Le ndawo esesigcemeni sakwaG kuleli lokishi ibizwa ngokuthi yiLove Boat kodwa idume kakhulu ngokuthi yikwaShembe.

Umhleli wemicimbi eba kwaShembe ngoMsombuluko, uMxolisi “DJ Deep” Xulu, uthe le ndawo inesikhathi esingangonyaka ikhona kodwa okusha ngayo ngukuthi sekujuxuzwa njalo ngoMsombuluko.

Uthe ibivulwa ngoLwesihlanu ivalwe ngeSonto njengoba isivulwa nangoMsombuluko nje. Kuleli sonto, uDeep uthe beyivakashelwe ngoDJ baseGoli uMahoota vs Vetkoek abebeshiyelana inkundla noDJ bendawo.

“Le nto yezindawo zobumnandi siyibone kwezinye izindawo uma sihambile njengaseCape Town naseGoli lapho khona kuyaziwa ukuthi uma ufuna ubumnandi ngoMsombuluko uzobuthola. EThekwini abantu bebengenayo indawo enjalo lapho behlanganyela khona uma kuqala isonto, yingakho sibone kungcono ukuthi nathi singasali ngaphandle ezintweni ezenzeka kwezinye izindawo,” kusho uDJ Deep othe bavula ngo-6 ntambama baze bavale ngo-4 ekuseni.

Uthe abantu bengakhathazeki ngezokuphepha njengoba indawo yabo isondelene nesiteshi samaphoyisa.

“Uma kukhona into ekhona ubona ngamaphoyisa elokhu ezulazula ngaphandle eqaphe isimo,” kusho yena .

UDeep ubuye waveza ukuthi i-albhamu yakhe yesibili ebizwa ngokuthi yiMusical Journey Vol 2 izophuma kuyo le nyanga.

“Kule albhamu ngisebenze noChappell owaduma ngengoma kaGregory Salto ethi I’m Your Friend noDJ Bongz engomeni ethi Shikisha ngiphinde ngasebenza noGukwa nabanye,” kusho uDeep.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.