isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Ubunzima bamenza wazimela wavula nebhizinisi lakhe

Comment on this story


no intandokazi3

INLSA

LAPHA uNksz Celiwe Ntuli ekhangisa ngezinye zezimpahla zakhe. Isithombe: GUGU MQADI

UBUNZIMA abhekana nabo yibo obamnika isibindi sokuthi azimele owesifazane ongenisile kwezemfashini.

UNksz Celiwe Ntuli waseNanda onebhizinisi lokuthunga aphinde adayise imfashini, uthe wasebenza kanzima ukuze ahlanganise imali eyanele yokuqhuba izifundo zakhe emuva kokuqeda uMatric.

“Umama wami wayefuna ngingene emkhakheni wezempilo njengoba naye engumhlengikazi. Kwathi uma ngiveza ukuthi anginalo uthando lokuba kulo mkhakha wakhombisa ukungaphatheki kahle ngesinqumo sami sokungena kwezemfashini,” kuchaza uNksz Ntuli othe waze waphoqeleka ukuthi aziqongelelele imali yokuqhuba izifundo zakhe.

Echaza ngokuzifundisa uthe wayesizwa wukuthunga izimpahla zabantu ababemqasha uma kunemicimbi abahlose ukuyihambela.

Uthe yize kwamphatha kabi lokhu okwenziwa ngunina owayengayingeni eyokumfundisa njengoba anqaba ukungena emkhakheni wezempilo, akazange aphele amandla kulokhu ayefuna ukuba yikho ekugcineni njengoba esenenkampani yakhe ebizwa ngokuthi yi-Eustace.

“Ngaze ngaphoqeleka ukuthi ngisungule ibhizinisi lokucwala izinwele ngoba ngithi ngizama ukuhlanganisa imali yokuqala leli esengikulona njengamanje.

no intandokazi1~1

UNKSZ Celiwe Ntuli ogxile kwezemfashini ebhizinisini lakhe

INLSA

“Ngenhlanhla kwangihambela kahle, ngagcina ngikwazile ukuphumelela kwezemfashini,” kusho le ntokazi eyaqhuba izifundo zayo zokusika ingqephu eLinea Academy eWestridge, eThekwini.

“Ukusweleka kwezindawo okutholakala kuzo imvunulo ikakhulukazi esilungwini kwanginika ugqozi lokuthi ngisebenzele eThekwini njengoba lolu hlobo lwezimpahla ludlisa nakwezinye izinhlanga,” kubeka le ntokazi.

Uthe uzimisele ngokuqhubekela phambili nebhizinisi lakhe okuthathe iminyaka eyisishiyagalombili ukuthi lifike ezingeni lokungenisa imali.

Akathungi imisiko yemfashini kuphela kepha ubuye athunge izimpahla zesikole, ezokuzivocavoca, imvunulo yabesilisa nabesifazane, ubuye akhe nemigexo, amacici namabhande.

Echaza ngezinhlelo aphezu kwazo njengamanje uthe umatasa nokusungula isikhungo sokukhulisa abasiki bengqephu abasafufusa nabakukhuthalele ukwenza lo msebenzi.

“Kumele intsha isukume, ihlukane nokuvinjwa yimumva layo uma izimisele ngokufeza izifiso zayo,” kuphetha uNksz Ntuli.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
CarpeDiem_333
I'm a 41 year old man looking to meet women between the ages of 30 and 48.
View Profile
Hey117
I'm a 40 year old woman looking to meet men between the ages of 39 and 55.
View Profile
siraboy
I'm a 41 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 100.
View Profile
IOL - dating
megs_
I'm a 32 year old woman looking to meet men between the ages of 30 and 38.
View Profile
IOL - dating
h82lose
I'm a 44 year old man looking to meet women between the ages of 28 and 45.
View Profile
IOL - dating
Mag3
I'm a 24 year old woman looking to meet men between the ages of 23 and 29.
View Profile