INLSA
I-IFP ibikwaMashu izogqugquzela abantu ukuba bavuselele ubulungu, esithombeni abaholi be-IFP uMnuz Bhekisisa Mthethwa, iNkosi uMangosuthu Buthelezi noMnuz Blessed Gwala. Izithombe: NQOBILE MBONAMBI
BONISWA MOHALE noMLUNGISI GUMEDE
UMENGAMELI we-IFP iNkosi uMangosuthu Buthelezi uthi ingqungquthela yeqembu yokukhetha ubuholi ebhekwe ngabomvu isisemome.
Ekhuluma enkundleni yezemidlalo e-Rotary, KwaMashu, izolo lapho bekuncengwa khona abavoti abasha, uButhelezi uthe yize usuku lungakadalulwa kodwa ingqungquthela nakanjani izobanjwa kuwona lo nyaka.
UButhelezi uthe akusilo iqiniso ukuthi akayikhulumi indaba yengqungquthela yokukhetha ubuholi njengoba bephezu kwamalungiselelo ayo.
“Ngize lapha kwaMashu ukuzobonga ngithokoze kini ngoba nakhetha iqembu leNkatha ukuba linihole. Ngizonigqugquzela ukuba nivuselele ubulungu benu eqenjini ngoba ukhetho luka-2014 seluseduze,” kusho uButhelezi.
Uthe kuyimanje i-ANC isemkhankasweni obizwa nge-Operation Imvuselelo kanti ne-DA kayizibekile phansi ifuna ukubusa KwaZulu-Natal njengoba ibusa eWestern Cape.
AMALUNGA eIFP aseMlazi eSeventini angene kwezwakala ngesikhathi kunomhlangana kwaMashu eHostela nalapho bekukhona uMntwana kaPhindangene uDkt Mangosuthu Buthelezi ezokhuluma namalunga ayo iNkatha. ISITHOMBE: NQOBILE MBONAMBI
INLSA
Uthe sekuyisikhathi sokuthi amalungu e-IFP abe semkhankasweni wokuncenga abantu ukuba beze kuleli qembu.
Uphinde waveza ukuthi abantu abawethembi uhulumeni ophethe ngoba ufaka abantu abangenalwazi ezikhundleni.
Wenze isibonelo ngoKhomishana wamaphoyisa osamiswe uGeneral Bheki Cele naloyo osedonsa ejele uJackie Selebi, esho nokuthi bagixabezwa ngezikhundla ezingabafanele.
Umkhankaso wayizolo ubuhanjelwe wubuholi obuphezulu be-IFP okubalwa kubo oMnuz Blessed Gwala, Albert Mncwango, Joshua Mazibuko nabanye.
Bekukhona noMnuz Hassan Motala owadala isididi ngesikhathi sokhetho lohulumeni bezindawo engazazi ukuthi uhamba naziphi.
UMotala ugxeke uhulumeni obusayo ngokuthi unabantu abangazimisele ngokusebenzela umphakathi abadla imali.
AMALUNGU eIFP aseMlazi eSeventini angene kwezwakala ngesikhathi kunombuthwano kwaMashu ehostela nalapho bekukhona uMntwana wakwaPhindangene uDkt Mangosuthu Buthelezi ezokhuluma namalungu ayo iNkatha
INLSA
Ubale ukuthi awekho amathuba omsebenzi kangangoba nezibhedlela ziphelelwa imithi esikhaleni.
Uthe lilodwa iqembu elingalungisa konke lokhu okuyi-IFP ngoba inobuholi obuqotho.
UButhelezi uthe kunenqwaba yabantu abangaleseka iqembu labo uma bebanikeza isizathu esihle sokuthi babaseke.
“Into enhle ngentando yeningi ngukuthi akekho onesibopho sokuba avotele iqembu elibusayo futhi akekho onesibopho sokuba avotele iqembu elilodwa kulolo nalolo khetho. Abantu bangaliguqula ivoti labo. Bangakuguqula ukwethemba kwabo inhlangano ethile,” usho kanje.
NgoMgqibelo, uButhelezi ubeseDurban Manor Hotel lapho abegqugquzela khona intsha yesifazane noPhiko lwabesifazane ngeqhaza labo eqenjini le-IFP.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services