.
UNANA Mhlongo ufuna ukuthuthukisa amaciko aseChesterville. Isithombe: SANDILE MAKHOBA
SIZWE BLOSE
USEBUYELA ekhaya umculi oke waba umethuli wezinhlelo zethelevishini obesezinze eGoli. UNana Mhlongo owayethula uhlelo olubizwa ngeKZN Tonight wabe eseyohlala eGoli ngemuva kokungena emculweni, uthi uyabuya futhi inhloso yakhe enkulu ukuthuthukisa ilokishi langakubo iChesterville.
“Ngifunde okuningi eGoli, ulwazi esenginalo ngifuna ukulithekela emphakathini wangakithi ikakhulukazi entsheni ezifela ngomculo, ngihlose ukwenza izigcawu zokucobelelana ngolwazi, ngiphinde ngikhumbule amaciko akuleli lokishi asadlula emhlabeni. Ngizohlonipha nalawo asadla anhlamvana njengo Madala Kunene,” kusho uNana.
UNana uthe ukudlula emhlabeni kwesikhulu somculo abesebenzisana naso uMike Maswangai kuziphazamise kakhulu izinhlelo zakhe. “UMike udlule emhlabeni sisaphusha i-albhamu yami yokuqala ebizwa ngokuthi Ngingowakho kanti besisanda kuqeda i-DVD ebizwa ngokuthi Likhona Ithemba kodwa okubalulekile ukuthi ngisazoqhubeka nokuphusha i-DVD, kwazise ngizobuyela estudio ngonyaka ozayo ukuhlanganisa i-albhamu yami yesibili.
Lentokazi ayiyintsha endimeni yezomculo, ike yaculela iqembu elibizwa ngeYoung Olive lakhona eChesterville, lagcina ngokukhipha ama-albhamu angu 5 ngemuva kwawo izinto azihambanga kahle lagcina lihlakazekile. Uthe uke wasebenza isikhathi eside noSipho Makhabane okunguyena obesabalalisa umculo wakhe. UNana uphethe ngokuthi isinqumo sokubuyela eThekwini sibe lula kakhulu ngoba wayevele engawudayisanga umuzi wakhe kanti nezingane zakhe ezine zisazinze khona eThekwini.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services