Ubuyele ekhempini yeBafana uRodgers

Comment on this story
NO KENY . UMGADLI weSantos |u-Eleazer Rodgers obecele ukuthi angayijoyini iBafana Bafana ekhempini ushaye ingwiji ebuyele eqenjini lesizwe izolo

MINENHLE MKHIZE

USHAYE ingwiji umgadli weSantos u-Eleazer Rodgers ebuya ekhempeni yeBafana Bafana kulandela ukuhoxa kulesi sikwata ngenxa yokuthi iqembu lakhe lidlala kumaNational First Division/Promotional Play-offs.

URodgers oshaye igoli enqobe ngalo iSantos idlala neThanda Royal Zulu emdlalweni wokuqala wokuhlunga, ubuyele kuBafana ngoba umdlalo olandelayo wePeople’s Team uyoze ube ngoJuni 17.

Ikhempu yeqembu lesizwe esePhokeng, eRustenburg, iyoze iphele ngoJuni 15.

“Simdedele ngoba sizothola ikhefu lesikhathi eside. Ukulangazelele kakhulu ukuyodlala kuBafana futhi sijabule ukuthi ukwazile ukufaka isandla sathola amaphuzu amathathu kulo mdlalo (weThanda),” kusho imenenja yeSantos, u-Edries uBurton.

U-Ace Kika obhekelele amaqembu esizwe kuSafa ukuqinisekisile ukuthi uRodgers oshaye amagoli angu-13 kweyiligi usebuyiselwe ekhempini.

Umqeqeshi weBafana uPitso Mosimane ubesebize umgadli weKaizer Chiefs uLehlohonolo Majoro ukuzovala isikhala sikaRodgers.

UMatlhomola Morake okhulumela iBafana, uthe ngeke abuyiselwe emuva uMajoro.

“Ngeke abuyele kuChiefs kodwa sizocupha ngaye uma sibhekana nenkinga kuRodgers,” kusho uMorake.

Uthe abakasithathi isinqumo ngokuthi kukhona ozovala isikhala sikaMoeneeb Josephs osethathe umhlalaphansi ekumeleni iqembu lesizwe.

“Sisalinde ukuthi umdlali (Josephs) azokhuluma nathi njengoba bekucele umqeqeshi.”

IBafana izicijela imidlalo ebalulekile yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseBrazil ngo-2014. Njengoba izobhekana ne-Ethiopia eRoyal Bafokeng, ngoJuni 3 bese iyodlala neBotswana ngoJuni 9 ekuhambeni. Elinye iqembu abaqhathwe nalo yiCentral Africa.

Elakuleli linengcindezi yokwenza kahle njengoba laziphendula inhlekisa lihluleka wukuya ku-Africa Cup of Nations ebiseGabon/Equatorial Guinea ekuqaleni konyaka.

UThulani Serero unethemba lokuthi ukuba khona kukaSiyabonga ‘Bhele’ Nomvete eqenjini kuzofika nemiphumela emihle.

“Kuhle ukuba nabadlali abanamava njengoNomvete. Kuningi esingakufunda kuyena. Ushaye into ecokeme eqenjini lakhe kule sizini ngethemba ukuthi kuzokwenzeka okufanayo nakuBafana,” kusho uSerero esitatimendeni seSafa.

Uthe babhekene nomqansa kodwa ukholwa wukuthi iqembu liqine ngokwanele ukuthola imiphumela emihle.

“Kuhamba kahle ekhempini ayikho ingcindezi ngoba wonke umuntu uyakwazi okufanale akwenze nokulindelekile kuthina. Inzima imidlalo esizoba nayo kodwa kumele siye kuyona sizitshela ukuthi sizowina,” kuphetha uSerero obenenkinga yokungalitholi ijezi eqenjini lakhe i-Ajax Amsterdam yaseHolland.

Okunye okwaphinde kwavela wukuthi lo mdlali othengwe ngemali elinganiselwa ku-R20 million ekuqaleni kwesizini ubesephendulwe injini (esiswini) eqenjini eliphakela elikhulu le-Amsterdam.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.