Ubuyiselwe esikhundleni sakhe oweNFP

Comment on this story
Copy of NO_NO VUSI  KHOZA0 INLSA UMNUZ Vusi Khoza osebuyele esikhundleni sakhe sokuba uNobhala we-NFP KwaZulu-Natal ngemuva kokuhoxa esikhundleni ngesikhathi elahlwa icala elimyamanisa nokufa kwabantu bokufika kuleli egwetshwe kulo iminyaka emithathu elengisiwe. Lapha wathathwa ngoDisemba ephuma enkantolo eThekwini. Isithombe: MERALYN BERNARD

CELANI SIKHAKHANE

I-NFP isithathe isinqumo sokumbuyisela esikhundleni uNobhala wayo owesula ngemuva kokulahlwa icala elimayelana nokuzihlanganisa netulo lokushaya nokubulawa kwabantu bokufika eThekwini esigamekweni sango-2008.

UMnuz Vusi Khoza ugwetshwe iminyaka emithathu inkantolo yaseThekwini kodwa yalengiswa. Iqembu lakhe lifinyelele esinqumeni sokuba abuyiselwe esikhundleni sakhe sokuba uNobhala KwaZulu-Natal.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uKhoza anqume ukuba esule esikhundleni ngesikhathi inkantolo imthola enecala ngonyaka odlule. “Ngemuva kokuthi inkantolo ikhiphe isinqumo ingigweba, yabuye yayilengisa iminyaka emithathu engiyidonsa ngaphandle. Iqembu nalo livumelane ngokuthi ngibuye ngiqhubeke nesikhundla sami sokuba uNobhala wesifundazwe,” kusho uKhoza.

UKhoza ubuyiselwa esikhundleni nje ubese nyamanambana kwabanye abaholi baleli qembu befuna angabuyiselwa ngoba naye wakwazi ukumisa abanye ababebhekene namacala okungoMnuz Bhungu Gwala, uMnuz Bonginhlanhla Gwala oseyishiyile i-NFP noMnuz Mzonjani Zulu.

Abanye babesho nokuthi abanendaba nokuthi leli cala ulenze esekwi-ANC lapho ayeyikhansela khona e-Albert Park, eThekwini kodwa bamfuna ehambile.

UKhoza uthe okumxakayo ukuthi abantu sebephuma naye iqhubu ekubeni isinqumo sokumisa laba baholi sathathwa kuhlangene isigungu sonke sesifundazwe, kwavunyelwana. Uthe kuyethusa uma abantu sebekhomba yena.

Echaza uthe uSihlalo wesifundazwe uMnuz Bhekizitha Mlotshwa noMnuz Eric Zungu yibona abakwamukele ukubuya kwakhe njengoNobhala.

UKhoza ukhethwe engqungqutheleni yesifundazwe eyayisoLundi kanti uyingxenye yabanye abaholi abajoyine i-NFP ngesikhathi isanda kusungulwa kusalungiselelwa nokhetho lohulumeni bezindawo obelungo-2011. Imizamo yokuthola uMnuz Maliyakhe Shelembe onguSihlalo kazwelonke we-NFP izolo, ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.