Advertisement
X

Ubuyiselwe esikhundleni sakhe oweNFP

I-NFP isithathe isinqumo sokumbuyisela esikhundleni uNobhala wayo owesula ngemuva kokulahlwa icala elimayelana nokuzihlanganisa netulo lokushaya nokubulawa kwabantu bokufika eThekwini esigamekweni sango-2008.

UMnuz Vusi Khoza ugwetshwe iminyaka emithathu inkantolo yaseThekwini kodwa yalengiswa. Iqembu lakhe lifinyelele esinqumeni sokuba abuyiselwe esikhundleni sakhe sokuba uNobhala KwaZulu-Natal.

UMNUZ Vusi Khoza osebuyele esikhundleni sakhe sokuba uNobhala we-NFP KwaZulu-Natal ngemuva kokuhoxa esikhundleni ngesikhathi elahlwa icala elimyamanisa nokufa kwabantu bokufika kuleli egwetshwe kulo iminyaka emithathu elengisiwe. Lapha wathathwa ngoDisemba ephuma enkantolo eThekwini. Isithombe: MERALYN BERNARD. Credit: INLSA

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uKhoza anqume ukuba esule esikhundleni ngesikhathi inkantolo imthola enecala ngonyaka odlule. “Ngemuva kokuthi inkantolo ikhiphe isinqumo ingigweba, yabuye yayilengisa iminyaka emithathu engiyidonsa ngaphandle. Iqembu nalo livumelane ngokuthi ngibuye ngiqhubeke nesikhundla sami sokuba uNobhala wesifundazwe,” kusho uKhoza.

UKhoza ubuyiselwa esikhundleni nje ubese nyamanambana kwabanye abaholi baleli qembu befuna angabuyiselwa ngoba naye wakwazi ukumisa abanye ababebhekene namacala okungoMnuz Bhungu Gwala, uMnuz Bonginhlanhla Gwala oseyishiyile i-NFP noMnuz Mzonjani Zulu.

Abanye babesho nokuthi abanendaba nokuthi leli cala ulenze esekwi-ANC lapho ayeyikhansela khona e-Albert Park, eThekwini kodwa bamfuna ehambile.

UKhoza uthe okumxakayo ukuthi abantu sebephuma naye iqhubu ekubeni isinqumo sokumisa laba baholi sathathwa kuhlangene isigungu sonke sesifundazwe, kwavunyelwana. Uthe kuyethusa uma abantu sebekhomba yena.

Echaza uthe uSihlalo wesifundazwe uMnuz Bhekizitha Mlotshwa noMnuz Eric Zungu yibona abakwamukele ukubuya kwakhe njengoNobhala.

UKhoza ukhethwe engqungqutheleni yesifundazwe eyayisoLundi kanti uyingxenye yabanye abaholi abajoyine i-NFP ngesikhathi isanda kusungulwa kusalungiselelwa nokhetho lohulumeni bezindawo obelungo-2011. Imizamo yokuthola uMnuz Maliyakhe Shelembe onguSihlalo kazwelonke we-NFP izolo, ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

SHOW ALL
Advertisement