Advertisement

Ucela ukunikezwa ithuba uPhiyega

INTATHELI YESOLEZWE

AKUDINGEKI ukuthi umuntu ongumnikazi wendawo edayisa utshwala naye abe yisidakwa. Uphendule kanjena uKhomishana omusha wamaPhoyisa, uGeneral Mangwashi Phiyega izolo ngesikhathi ebuzwa ngamava akhe ebuphoyiseni.

General Mangwashi Phiyega. Credit: ELMOND JIYANE

“Angikaze ngibe yiphoyisa selokhu kwathi nhlo kodwa engithanda ukukusho nje wukuthi akudingeki uze ube yisidakwa ukuze ube neshibhi,” kushi uGeneral Phiyega esithangamini sabezindaba ePitoli.

Uqhube wathi: “Ngizofunda okuningi ... ngahluleleni emuva kwezinyanga ezingu-12 nisho-ke ukuthi ngabe ngiwumuntu okwaziyo yini ukufunda abambe ngokushesha noma qha.”

UGeneral Phiyega ukuvezile ukuthi akanawo amava omsebenzi othinta ezobuphoyisa wathi ngeke akufihle lokho kodwa wathi njengoba engena kulesi sikhundla uhlome ngolunye ulwazi oluningi lweminye imikhakha.

“Akekho umuntu ofika esehlome ephelele ngakho konke, kodwa sonke siba nokunye esikunika abanye nathi sifunde kubo sibuye sibacobelele ngolwazi nathi esinalo. Kuyasizwana. Ngikholwa wukuthi nami kukhona engizokwenzela umbutho,” kusho uGeneral Phiyega.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi ucabangani ngokushiwo yinyunyana yamaphoyisa ethe kuyichilo nendelelo emphakathini ukuthi kukhethwe nje umuntu ongazi lutho ngezobuphoyisa ukuba aphathe isikhundla sokuba nguMkhuzi wamaPhoyisa kuleli, uGeneral Phiyega uphendule wathi akakulungele ukuphawula ngalokho.

Kodwa wengeze ngokuthi: “Ngizimisele ukusebenzisana nanoma ngubani ozongamukela.”

UGeneral Phiyega uqokwe nguMengameli Jacob Zuma ngoLwesibili emuva kokumemezela izindaba zokuxoshwa kukaBheki Cele obenguKhomishana.

Izolo uCele uyale uPhiyega wathi kumele asebenzisane namaphoyisa atshalwa ngaphandle zonke izinsuku, angagxili nje kuphela kosigaxamabhande.

UGeneral Phiyega uthe uyazi ukuthi mkhulu umsebenzi abhekene nawo futhi kawulula. Uthe ukuze aphumelele uyakuqonda ukuthi kumele alalelisise.

SHOW ALL
Advertisement