UCele usalinde ihhovisi likaZuma

Comment on this story
no Copy of ny bheki cele INLSA MNUZ BHEKI CELE.

INTATHELI YESOLEZWE

IHhovisi likaMengameli alikawa-hambisi enkantolo amaphepha okuzama ukuphikisa uKhomishana wamaPhoyisa owaxoshwa, uMnuz Bheki Cele, ofuna kuguqulwe isinqumo sokuxoshwa kwakhe. Lokhu kuvezwe ngumkhulumeli kaCele, uVuyo Mkhize izolo.

“Kunezinto esachaza kahle ukuthi siyazidinga, namanje asikazitholi lezo zinto,” kusho uMkhize.

Ihhovisi likaMengameli izolo lithe lizobuye liphawule ngalolu daba.

UCele uhlose ukuphikisa umbiko weJaji uJake Moloi, elamthola enecala lokungahambisi izinto ngendlela, okwaholela ekuxoshweni emsebenzini ngoJuni 12.

UCele uthi uzimisele ngokuthi inkantolo ichithe umbiko wejaji uthathwe njengongelona iqiniso.

NgoJuni 13, uCele wathi: “Engikutholayo uma ngifunda umbiko wukuthi kukhona owafaka iJaji Moloi ingcindezi, ukuze mina ngizoxoshwa noma kanjani.”

Izolo uMkhize uthe ihhovisi likaMengameli selehluleke kwaze kwaba kathathu ukuhambisa amaphepha afuneka enkantolo, kusuka ngoJulayi 22, Julayi 27 no-Agasti 13.

“Silokhu sinikwa izicucwana zemi-niningwane esingayidingi. Sizocela abameli bethu ukuthi baqinise isandla bafune le mininingwano esiyidingayo.

Bekulindeleke ukuthi iHhovisi liphendule izolo mayelana nalolu daba lukaCele.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.