INTATHELI YESOLEZWE
I Hhovisi likaMengameli alikawa-hambisi enkantolo amaphepha okuzama ukuphikisa uKhomishana wamaPhoyisa owaxoshwa, uMnuz Bheki Cele, ofuna kuguqulwe isinqumo sokuxoshwa kwakhe. Lokhu kuvezwe ngumkhulumeli kaCele, uVuyo Mkhize izolo.
“Kunezinto esachaza kahle ukuthi siyazidinga, namanje asikazitholi lezo zinto,” kusho uMkhize.
Ihhovisi likaMengameli izolo lithe lizobuye liphawule ngalolu daba.
UCele uhlose ukuphikisa umbiko weJaji uJake Moloi, elamthola enecala lokungahambisi izinto ngendlela, okwaholela ekuxoshweni emsebenzini ngoJuni 12.
UCele uthi uzimisele ngokuthi inkantolo ichithe umbiko wejaji uthathwe njengongelona iqiniso.
NgoJuni 13, uCele wathi: “Engikutholayo uma ngifunda umbiko wukuthi kukhona owafaka iJaji Moloi ingcindezi, ukuze mina ngizoxoshwa noma kanjani.”
Izolo uMkhize uthe ihhovisi likaMengameli selehluleke kwaze kwaba kathathu ukuhambisa amaphepha afuneka enkantolo, kusuka ngoJulayi 22, Julayi 27 no-Agasti 13.
“Silokhu sinikwa izicucwana zemi-niningwane esingayidingi. Sizocela abameli bethu ukuthi baqinise isandla bafune le mininingwano esiyidingayo.
Bekulindeleke ukuthi iHhovisi liphendule izolo mayelana nalolu daba lukaCele.